Johannesburg - Isesibhedlela ingane yomfana eneminyaka emine ubudala ngemuva kokushaywa yitshe elingene emotweni kayise izigebengu zizama ukubabamba inkunzi ngoLwesibili ebusuku.
UDaniel Fleetwood kudingeke ukuba akhishwe amabhodlela ekhanda aphinde athungwe namhlanje.
Ngenhlanhla kuthe uma ehlolwa umfana izolo kwatholakala ukuthi akathintekanga ingqondo.
Funda nalolu daba: Kutholakale isidumbu sendoda emfuleni
Umama kaDaniel, uJacqueline, naye uthole ukulimala kulokhu kuhlaselwa.
UDad Nolan, ongubaba womndeni, uthe umndeni wakhe ubusendleleni elibhekise emzini wabo oseBirch Acres bephuma emzini wabazali osePomona ngezithuba zabo-19:45 ngesikhathi behlaselwa, kubika iKempton Park Express.
UNolan uthi bebelinde emarobhothini ngesikhathi ebona umlisa eqondo kubona, ngemuva kwalokho uthi ubone esejikikela isitini ebesifakwe kuplastiki, kwashayeka ingane yakhe nomkakhe.
– "Like"
ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.