Ingane yahamba iyohlinzwa inhliziyo 'yabuya isikhubazekile'

Pietermaritzburg – Ingane yentombazane eneminyaka emibili ubudala eyangeniswa eNkosi Albert Luthuli Central Hospital iyolungiswa okuthile ngemuva kokuhlinzwa inhliziyo, yaphuma isikhubazekile, kusho amaphepha asenkantolo.

Kuthiwa le ngane yabuyela ekhaya ingasakwazi ukuhamba, ingasezwa futhi ingasaboni, kanti kusolwa ubudedengu besibhedlela, kubika iThe Mercury.

Ubaba wayo, ongumakhi wasePhoenix, ufuna uMnyango wezeMpilo esifundazweni umnxephezele ngo-R26 million, lokhu kuvele eNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu.

Amaphepha asenkantolo aveza ukuthi ngoFebhuwari 2010, le ngane eyayineminyaka emibili ngaleso sikhathi, yahanjiswa esibhedlela inesifo senhliziyo esaziwa ngeTetralogy of Fallot.

OLUNYE UDABA: Ufuna isinxephezelo owabulawelwa umyeni

Yayidinga ukuhlinzwa yase iphinde ibuyela esibhedlela ngoMashi 29, yase iyahlinzwa futhi ngosuku olulandelayo ijovwe ngomjovo olalisayo.

Kuthiwa yayingakwazi ukuziphefumulela, yase ifakwa emshinini.

Kwathi ngemuva kokuhlinzwa yahanjiswa egumbini labagula kakhulu, kwathi kusenjalo amapayipi eyayiphefumula ngawo aba nenkinga yase incisheka umoya, yashaywa yisifo senhliziyo.

Kuthiwa le ngane yabe isilimala umqondo, okwadala ukuthi igcine isikhubazekile.

We live in a world where facts and fiction get blurred
In times of uncertainty you need journalism you can trust. For only R75 per month, you have access to a world of in-depth analyses, investigative journalism, top opinions and a range of features. Journalism strengthens democracy. Invest in the future today.
Subscribe to News24
Lockdown For
DAYS
HRS
MINS
Voting Booth
Who do you think is going to win the 2020 US election?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Biden is going to take it
46% - 5408 votes
It's four more years for Trump
54% - 6423 votes
Vote
ZAR/USD
16.46
(+0.21)
ZAR/GBP
21.33
(+0.24)
ZAR/EUR
19.48
(-0.22)
ZAR/AUD
11.61
(+0.34)
ZAR/JPY
0.16
(+0.28)
Gold
1907.17
(+0.24)
Silver
24.62
(+5.30)
Platinum
872.00
(+2.22)
Brent Crude
42.85
(-0.67)
Palladium
2405.00
(+3.19)
All Share
55271.75
(+0.20)
Top 40
50851.62
(+0.22)
Financial 15
9956.35
(-0.22)
Industrial 25
75567.07
(+1.08)
Resource 10
53788.16
(-0.63)
All JSE data delayed by at least 15 minutes morningstar logo