
Durban - Lalela wedali, indoda le iyohlezi iyindoda, awuyeke ulokhu ufuna ukuyilandela uyicefezela ngento engekho.
Uma ejola, wena uhlabeka kuphi? Kukhona okuncipha kuwe ngezenzo zakhe?
Pho uma umthole enomfazi, ulinyazwa yini? ufuna enzenjani, ahlukane nomama wengane ngoba sekukhona wena? ube ungubani ke wena?
Khona ucabanga ukuthi ingakhona indoda esikhathini samanje engenaye umaqondana, thola ikhona uncike nawe la kuncikeka khona
Awuyeke ukuzenza isiduphunga ubalisa ngento engekho.
Funda nalolu daba:INGOSI: Woke ukhumbule ukuyovela ekhaya sthandwa sami
Ingani uyakondla, ukwenzeka konke okudingayo manje ufuna ini? akhiphe induku ayishiye nawe njalo uma ehamba, uzojabula uma usele nayo?
Ingani uyasho ukuthi uyakuthanda naye umama wengane uyamthanda, awukaze uzwe ngesithembu?
Usufuna manje kulokhu kunakwe wena ngoba wenzani engcono?
Akeniyeke ukucela izinto emadodeni enazikahle ukuthi akulula ukuzithola, uma uhluleka shiya phansi udoti uqhubekele phambili kwabanye.
Disclaimer:INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho