
Durban - Siyaphela isizwe ubugebengu noshayas’bhamu abadedela bengaqedi, amaphoyisa anitshele ukuthi ayaphenya.
Izigebengu zanamhlanje azigcini ngokuthatha lokhu ezikufunayo, kodwa sezivele zithathe nempilo yakho.
Izigebengu zanamhlanje sezivele zihlasele izingane ezingenacala, zingagcini ngokuyidlwengula kuphela kodwa ziyibulale.
Ngiyamkhumbula ngempela ubaba uNdosi namadodana akhe amabherede abomvu.
Eyi babeyishaya impama labobhuti wawubona unqesta edidizela kungabi ndabazamuntu.
Funda nalolu daba: UBheki Cele 'wayengesiye ukhomishana wamaphoyisa omubi'
Kuhle kona ukuthi uhulumeni uyabacabangela abantu besimame, kwajabula iningi ubaba uZuma esinikeza umama uPiyega ukuthi abe umkhuzi wamaphoyisa kodwa…
Hhayi, ngivumele ngithi ikhaya elingenaye ubaba alivamile ukuba nawo umthetho.
Yebo wonke umuntu uma ethola isikhundla uyaye afune ukuzibonakalisa, kodwa yabona uNdosi wayengakhathelele kuthenjwa.
Loyababa wayengasinisi mahleza, hawu namhlanje, alishoni ilanga ungazwanga ukuqhuma kwesibhamu emalokishini.
Nobaba uNathi Nhleko angimuzwa kahle. Umholi wamaphoyisa kumele kube yindoda ngempela ewudlayo umuthi. Indoda ezoba nesibindi sokuma phambi kwephalamende ayibeke indaba yakhe icace.
Ewu manje unokumbona uNhleko ukuthi ufuna ukulokhu ayibeka ngesisoka into, akhiphe isiNgisi ngamakhala kodwa izwe liyaphela.
Ngiyakukhumbula uNdosi!
Disclaimer:INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.
(isithombe iol)