
Durban - Kunzima ukuthola umsizi othembekile noqotho ozokusiza ekhaya ngokugcina ikhaya lakho lihlanzekile, ukunakekela izingane noma ukuhlanzisisa izimpahla zakho zokugqoka.
Abantu abaningi bahlezi bekhalaza ngabasizi babo abenza izinto ezingahambisani nezivumelwano zabo.
Uthola umuntu ekhala ngokuthi:
- Ngisheshe ngabuya emsebenzini ngathola usisi osizayo elele embhedeni wami ezumekile kodwa akaqedile umsebenzi
- Ngibone ngezithombe ezinkundleni zokuxhumana egqoke izimpahla zami
- Ngithe ngifika ekhaya ngesikhathi sekhefu ngafica idili likamkhipheni nabangani
- U-anti ngihlezi ngimtshela njalo ukuthi azenzeleni izingane uma zibuya esikoleni, kodwa yena uvele enze okwakhe.
- Uvakashelwa isoka lakhe emini ngisho kukhona izingane.
- Ngibona sengathi zimpahla zami ziyancipha emashalufini.
- Ewu ukudla akusayiqedi inyanga, ushizi nebhotela hhayi impela angikwazi kushonaphi
- Izingane zihlezi zingcolile kodwa usisi ulele.
- Usisi ukhulelwe kodwa manje akasho ukuthi ubani ubaba wengane futhi usefuna nokushiya umsebenzi.
FUNDA NALOLU DABA:Isisebenzi sasendlini sebe u-R300k sayothenga imoto nesoka
Kuningi okwenziwa osisi kanye nomama abasizayo ekhaya, kanti kubanzima ukumqondisa izigwegwe uma usemncane.
Omunye uvele abone sengathi uyaztshela, uzibona sengathi ungcono kunaye ngoba nakhu usebenza lapha ekhaya.
Omunye uvele avuke ngolaka uma uke waqala inkulumo ethandana ukuqina.
Omunye uvele aphenduke umama wakho, lapho uthi uyazama ukumbonisa ukuthi kwenziwe njani, yena avele akutshele ukuthi izingane zakhe wazikhulisa kanjani.
Kwenziwa njani uma kunjena?