INGOSI: Uma ushela umuntu wesimame, shela umuntu osezingeni lakho

eThekwini - Ubusisiwe umuntu wesimame olaziyo izinga lakhe nokwaziyo okumfanele ngoba akahambi ewela yonke indawo.

Owesimame okwaziyo okumfanele uyalwazi nothando olumfanele ngakhoke akajatshuliswa yiwo wonke umuntu ushumayela igama lothando.

Uma ushela umuntu wesimame, shela umuntu usezingeni lakho, ungalokhu udideka uma efuna uthando olungaphezu kwamandla akho.

Thola umuntu olingene iphakethe lakho, uzoyeka ukuthuka abantu besimame uthi bangamaqola ngoba nakhu wena ungungoqo.

Uma uthi uyayithanda le ntombi ufuna ukuyenza umfazi, kumele ukwazi ukuyondla. Uzomondla kanjani esengunkosikazi uhluleka ukucabangela izidingo zakho eseyintombi.

Uma ungakwazi ukubambisana nesithandwa sakho, ungakwazi ukumfisela okuhle empilweni yakhe futhi ungakwazi nokumenzela okuhle, gudluka futhi uqhele endleleni yakhe azokwazi ukubona izinsizwa zangempela ezaziyo ukuthi umuntu wesimame uphathwa kanjani.

Iningi labantu abasothandweni olumuncu nolungenayo inqubekela phambili wukuthi ababaqondisisi kahle abantu abathandana nabo.

OLUNYE UDABA: 'Ngingumakhwapheni futhi lokho kuyangisebenzela'

Umuntu wazi kahle ukuthi wakuthola unjani ngesikhathi ekushela, uma senithandana usezobika lokhu nalokhu angakuthandi okwenzayo, efuna ukuthi ushintshe, wehlise izinga lakho ukuze uzobamba elakhe.

Uthi uma uzama ukuzilungisa uzenze muhle ngamandla akho, kuvuke isikhwele aqale umuntu akubize ngamagama ahlabayo akhohlwe ukuthi wakuthola unjani.

Ungalinge udideke ushele umuntu osezingeni eliphezulu kunawe kanti uyazi ukuthi amandla kawunawo.

– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

Disclaimer:INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi ezishicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.

We live in a world where facts and fiction get blurred
In times of uncertainty you need journalism you can trust. For only R75 per month, you have access to a world of in-depth analyses, investigative journalism, top opinions and a range of features. Journalism strengthens democracy. Invest in the future today.
Subscribe to News24
Lockdown For
DAYS
HRS
MINS
Voting Booth
As a child or as an adult, have you ever been a victim of bullying?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes, at school
55% - 2816 votes
Yes, at work
17% - 877 votes
No, I've never experienced this
28% - 1406 votes
Vote
USD/ZAR
14.28
(-0.1)
GBP/ZAR
19.94
(+0.2)
EUR/ZAR
17.20
(+0.5)
AUD/ZAR
11.11
(+0.7)
JPY/ZAR
0.13
(+0.3)
Gold
1,775.73
(+0.3)
Silver
26.05
(+0.9)
Platinum
1,204.76
(-0.4)
Brent Crude
67.05
(+0.4)
Palladium
2,789.50
(-0.9)
All Share
67,224
(-1.3)
Top 40
61,502
(-1.3)
Financial 15
12,236
(-1.5)
Industrial 25
86,969
(-1.5)
Resource 10
69,077
(-1.0)
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo