Hwange - Ingwenya imangaze abaningi ngesikhathi itholakala inkanise esangweni elingenela esibhedlela esiseHwange, eZimbabwe, kusho umbiko wephephandaba ngoLwesine.
Kuthiwa le ngwenya iqale yabonwa ngumshayeli wetekisi ngoLwesibili ebusuku, kusho iphephandaba elingaphansi koMbuso iChronicle.
Kuthiwa lesi silwane besiqonda ngqo ezigulini ebezizama ukungena esibhedlela, kwaphetha ngokuthi zifonele izikhulu.
"Esikhathini esingangemizuzu emihlanu ngithole cishe izingcingo ezingaphezu kweshumi zabantu abebethukile," kusho uThemba Tshuma, oyisikhulu sendawo.
"Kunezinkoleloze ebengizizwa ngalezi ziguli. Ezinye bezithi kukhona osebenzisa umuthi ohlulekile wukulandela imiyalelo ayinikeziwe wabe eseguquka waba yingwenya," esho.
Akucaci kahle ukuthi le ngwenya iqhamukephi njengoba umfula useduze uqhele ngamakhilomitha ayishumi.
Nokho, kujwayelekile ukuthi kubonakale izingwenya uma likade lina izulu.
Kuthiwa le ngwenya inkanise kule ndawo cishe amahora amabili, njengoba ibijaha wonke umuntu ozama ukusondela ngasesangweni.
Kuze kwaphetha ngokuthi abasebenzi basesiqiwini bayidubule bayibulale.
VIDEO:
#TrueStory Vicious crocodile blocks access to St Patrick's hospital in Hwange for almost 2 hours #Hwange pic.twitter.com/0mtYuRtQnk
— Povo Zim (@povozim) March 21, 2018