New York - UJimmie Smith, 68, wayengalangazelele lutho ngesikhathi ekhipha ihembe lakhe kanti uzothola into ezoguqula impilo yakhe ngendlela angakaze ayicabange.
USmith wathola ithikithi leLotto kuleli hembe elingakaze lihlolwe ukuthi lake lawina na noma cha.
“Ngangihlezi ngizitshela ukuthi ngizolihlola uma ngithola isikhathi,” kusho lomlisa waseNew Jersey.
OLUNYE UDABA: Ukhonjwa eLadysmith obambe iLotto
USmith uyohlola leli thikithi-nje bese kusele izinsuku ezimbili zokuba liphelelwe yisikhathi njengoba besekuphele unyaka lawina kodwa kungekho olanda imali.
Elihlola, uthuke woma ethola ukuthi uwine imali elinganiselwa ku-$24.1 million (R321 000 000).
USmith wathenga leli thikithi eNew York kanti lezi zinobolo ezawina ngomhlaka-25 Meyi 2016 zimi kanje: 05 - 12 - 13 - 22 - 25 - 35.
AbeNew York Gaming Commission bathi babazi ukuthi ithikithi elawina le mali lathengwa esitolo esiseNew York City, kodwa kungaziwa ukuthi lathengwa ngubani, kubika i-CNN.
Play #LOTTO, been to TriBeCa? Check your tickets to see if you’re a $24M winner! Your winnings expire on 5/25/17! https://t.co/jMAy3GYlmi pic.twitter.com/qtC0tJcS4c
— New York Lottery (@newyorklottery) May 19, 2017