Inkakha ithi ukufika kukaSangweni kuphendule imithandaza yabaningi

Johannesburg – Lowo owayedlalela i-Orlando Pirates, uPhumudzo Manenzhe, ukholelwa ekutheni ukufika kukaThamsanqa Sangweni kuleli qembu yiyo kanye into ezosiza le kilabhu.

Ngasekuqaleni kwaleli sonto iPirates iqinisekise ukusayinisa uSangweni inkontileka yeminyaka emithathu esuka kuChippa United, nokungumnyakazo othakaselwe kakhulu ngabalandeli beZimnyama, kubika iKickOff.com.

U'The Bold', owayedlalela iPirates phakathi kuka-2002 no-2007, ukholelwa ekutheni ukufika komdlali wasesiswini okuleli zinga kuyiphendula yonke imikhuleko yabalandeli njengoba befuna ukuthi iqembu libuyele emgqigqweni omuhle.

Lokhu kulandela ukuthi iPirates iphoxile kule sizini esanda kuphela yaqeda ngaphandle kweTop 8, okuyinto engakaze yenzeka emlandweni we-PSL.

OLUNYE UDABA: USangweni usemenyezelwe njengokaputeni weChippa

"Ngicabanga ukuthi ukufika kukaThamsanqa Sangweni kuchaza ukuthi imikhuleko yamaBhakabhaka iphenduliwe, ngoba ngesizini eyedlule bebekhala ngokuthi isisu asiqinile nokwenele," kusho uManenzhe.

"Siyazi ukuthi amandla ePirates asekudlaleni emaphikweni, kepha ukuze abadlala kule ndawo bathole ibhola kumele siqine sithi ngqi isisu ukuze sikwazi ukuphakela abanye ibhola.

“Ngicabanga ukuthi uSangweni uzofika nakho konke lokhu okubukeka kushoda. Unamaqhinga amaningi uma kuyiwa ebhokisini nasekubhakuziseni inethi. IPirates izojabula kakhulu ngokuba nomdlali ofana nye.”

We live in a world where facts and fiction get blurred
In times of uncertainty you need journalism you can trust. For only R75 per month, you have access to a world of in-depth analyses, investigative journalism, top opinions and a range of features. Journalism strengthens democracy. Invest in the future today.
Subscribe to News24
Lockdown For
DAYS
HRS
MINS
Voting Booth
Who do you think is going to win the 2020 US election?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Biden is going to take it
47% - 10285 votes
It's four more years for Trump
53% - 11502 votes
Vote
ZAR/USD
16.39
(-0.28)
ZAR/GBP
21.19
(+0.32)
ZAR/EUR
19.14
(+0.48)
ZAR/AUD
11.53
(+0.15)
ZAR/JPY
0.16
(+0.14)
Gold
1869.40
(-0.52)
Silver
23.33
(-0.34)
Platinum
851.01
(-2.06)
Brent Crude
39.48
(-4.73)
Palladium
2193.00
(-2.25)
All Share
51896.97
(-0.79)
Top 40
47576.46
(-0.74)
Financial 15
9756.70
(-2.69)
Industrial 25
72681.12
(-0.25)
Resource 10
47826.96
(-0.63)
All JSE data delayed by at least 15 minutes morningstar logo