Sichithiwe enkantolo isicelo somndeni kaMichael Komape sokunxeshezelwa ngokushona kwendodana yawo, eyagwiliza ethoyilethi lomgodi ngo-2014.
INkantolo eNkulu yaseLimpopo ePolokwane isichithile lesi sicelo ngoMsombuluko.
IJaji uGerrit Muller uyalele ukuba izingane ezizalwa noKomape zikhokhelwe u-R6 000 ngayinye ukuze zikwazi ukukhokhela izindleko ezijwayelekile zezempilo.
Le ngane eyayineminyaka emihlanu ubudala yaminza ethoyilethi lomgodi eMahlodumela Primary School, ngaphandle kwasePolokwane, eminyakeni emine eyedlule.
OLUNYE UDABA: Ufuna ubulungiswa umndeni wengane eyashonela ethoyilethi lomgodi
UMuller uphinde wayalela ukuba kwenziwe uhlelo lokufakwa kwezindlu zangasese eziphephile nezisesimweni esifanele ezikoleni ezisemakhaya kulesiya sifundazwe.
UMnyango wezeMpilo eLimpopo unikezwe kuze kube ngumhlaka-30 Julayi ukufaka enkantolo uhlelo lokuthi lokhu kuzokwenzeka kanjani.
IGroundUp yake yabika phambilini ukuthi umndeni wawufuna ukunxeshezelwa ngemali engaphezu kuka-R2m wamademeshe, izindleko zomngcwabo, ukulahlekelwa wumholo kukamama kaMiachael, uRosina Komape, owalahlekelwa wumsebenzi wasemakhishini ngemuva kokushona kwendodana yakhe.