Johannesburg – INkantolo eNkulu eNorth Gauteng izolalela isicelo sikalowo owayeyisikhulu esiphezulu kwa-Eskom uBrian Molefe sokuba kuguqulwe isinqumo senye inkantolo eyathi wabuyiselwa kungafanele kwa-Eskom.
NgoJanuwari, inkantolo yanquma ukuba ukuqokwa kabusha kukaMolefe kule nkampani kagesi kuphambene nomthetho.
Inkantolo yathola ukuthi uMolefe wazisulela esikhundleni, nokuthi akulona iqiniso ukuthi akesulanga, yaphinde yathi kwakungafanele athole imali ayithola.
OLUNYE UDABA: Kuzoba nesiteleka samabahsi ngoLwesithathu
Inkantolo yaphinde yayalela ukuba akhokhe imali engu-R11 million kuleyo yempesheni.
Kodwa uMolefe uyala ukwamukela isinqumo senkantolo, kanti manje ulwela ukuba siguqulwe.
Emaphepheni awake enkantolo, uMolefe uthi inkantolo yenza iphutha ngesikhathi ihoxisa isinqumo sebhodi lakwa-Eskom sokwamukela isicelo sakhe sokuthatha umhlala phansi ngaphambi kwesikhathi esifanelekile.