Inkosi icele ukuba kuphele ukubizwa kwabanye ngamakwerekwere

Durban  - Izinyaziswe ngozakwabo abangamehlo eSilo samaZulu, uZwelithini kaBhekuzulu, iNkosi Zeblon Gumbi yesizwe sakwaGumbi eMvokweni oPhongolo, enyakatho yeKwaZulu-Natal, ebivakashelwe ngabezizwe zakwamanye amazwe ezidlelana nesayo njengoba bekunomgubho obizwa ngoMsimbithi Cutural Festival ngoMgqibelo.

Lo mgubho obekungokweshumi wenzeka - emuva kokusungulwa yinkosi esesihlalweni - ubuKwaMuntengiphoqa okuyisigodlo senkosi.

Okunye obekusohlelweni lwalo mgubho wukukhumbula amakhosi alesi sizwe asalala kobandayo - abekhunjulwa ngamagalelo awo ahlukene.

Phakathi kwawo kubalwa iNkosi Somkhanda uNtini, uNkomazane, uSivumo neNkosi Myekeni ezala iNkosi Zeblon, esesihlalweni.

OLUNYE UDABA:ISilo namanje asineme ngegama lomsakazo Ukhozi FM

Ezithunyweni zakwamanye amazwe, bekuyizicukuthwane zesizwe sakwaJere (Jele) ezisuka eMalawi naseZambia ziholwa nguDkt Boston Soko eMzuzu University, eMalawi.

Amakhosi aKwaZulu abekhona yinkosi yakwaZikhali eMbazwane enyakatho-mpumalanga yeKwaZulu-Natal, yinkosi yakwaMjoli eMahhushwini, eXobho maphakathi nalesi sifundazwe, yinkosi yakwaCele eMzumbe neNkosi yakwaMandlakazi ebihola amabutho ayo. Ukuba khona kwamehlo eSilo - okungamakhosi alezi zizwe esezibaliwe - kulo mcimbi, kudwebe isithombe esihle ezihambeni ebeziphuma eMalawi naseZambia.

Yethula inkulumo yayo iNkosi Gumbi, igxile emlandweni wokubumbeka kwesizwe sakubo.

"Ngaphambi kokuba ngikhulume okuningi, ngizoqala ngokucela ukuba ngikhuleke kini nonke sizwe sobabamkhulu ukuba ningakubheki ukuthi sisazama ukubuyisa kahle izwe, kodwa nigxile emasikweni nezinkambiso zenu. Isizwe esingawagcini amasiko aso asiyilutho.

"Abafowethu baseMalawi nabaseZambia bafika lapha nje, bekuqale bona bangimema (eMalawi) ngenyanga edlule kunomcimbi ogujwa yizizwe zabeNguni, lapho sicobelelane ngolwazi oluningi. Abantu bakwaJere abaseMalawi bangabalapha kithi, inkaba yabo iseHluhluwe. Bangena kuleliya lizwe behamba noZwangendaba thina sasala noSomkhanda, okungamadodana kaSguda Jele.

"Ngokuhamba kwesikhathi, iLembe (uShaka Zulu) liphume umkhankaso wokudla izizwe, babaleka baze bayovalwa wumfula iMbuluzi Emnyama. Kulapho uSomkhanda eqoke ukubuya eNingizimu Afrika esezibiza ngokuthi ungowakwaGumbi. Empeleni abakwaJele ngabakwethu. Kusukela namuhla, iyaphela indaba yokuthi kube nabantu ababizwa ngamakwerekwere ngoba lokho kuyobe kusho ukuthi umuntu uzibiza yena ngaleli gama.

"Empeleni sisemkhankasweni wokuhlanganisa izinto eziningi kulesi sizwe sakwethu, namanje sisesemuva kakhulu ngokwentuthuko ngenxa yokuthi selokhu kufike abelungu eminyakeni ye-1800 sabiyelwa satshelwa ukuthi singaphakathi kweziqiwu namapulazi.

INkosi yakithi uNtini yayigadiswa izingulube ngabelungu," kusho iNkosi Gumbi.

INkosi Fodo Dlamini yaseMkhomazi ethe: "Kungivusela usinga ukuthi ngizobuka izingane zalapha zodwa, ngonyaka ozayo ngiza nezami. Ngifuna ukuzoganisa lapha, izinsizwa zibone kahle ukuze kuzoqiniswa ubuhlobo nobudlelwano esinabo singamakhosi aseNdlunkulu kaZulu. Empeleni kuyintokozo kithina ukuthi sizogubha nozakwethu kungonakele lutho," kusho iNkosi Dlamini.

UDkt Soko uthe kuyamthokozisa ukuthi namuhla usezimpandeni zakhe, uzokhothwa ngamadlozi akubo. Izimbali zesizwe sakwaGumbi bezikhona. 

We live in a world where facts and fiction get blurred
In times of uncertainty you need journalism you can trust. For only R75 per month, you have access to a world of in-depth analyses, investigative journalism, top opinions and a range of features. Journalism strengthens democracy. Invest in the future today.
Subscribe to News24
Lockdown For
DAYS
HRS
MINS
Voting Booth
As a child or as an adult, have you ever been a victim of bullying?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes, at school
55% - 3426 votes
Yes, at work
17% - 1074 votes
No, I've never experienced this
27% - 1689 votes
Vote
USD/ZAR
14.28
(-0.1)
GBP/ZAR
19.88
(-0.3)
EUR/ZAR
17.15
(-0.4)
AUD/ZAR
11.03
(-0.2)
JPY/ZAR
0.13
(-0.2)
Gold
1,783.02
(+0.2)
Silver
26.02
(+0.7)
Platinum
1,196.00
(+0.6)
Brent Crude
66.57
(-0.7)
Palladium
2,796.50
(+1.2)
All Share
66,629
(-0.3)
Top 40
60,901
(-0.4)
Financial 15
12,087
(-0.6)
Industrial 25
86,056
(-0.5)
Resource 10
68,526
(-0.1)
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo