Intombazane,12, ikhulelwe ingane kamfowabo

Johannesburg - Intombazane eneminyaka engu-12 ubudala kanye nomfowabo oneminyaka engu-16 bebehlala emjondolo ongaphandle kwendlu yakubo enamagumbi amane ngenxa yokugcwala kwayo.

Bakhule ndawonye, bechama ebhakedeni elilodwa beshintshana nangokulichitha njalo ekuseni.

Kodwa ukuzwana kakhulu kwalezi zelamani sekubenomphumela oshaqisayo.

Izakhamizi zaKwaMashu, zidinwe kabi ngesikhathi zizwa ngeSonto ukuthi intombazanyana, esafunda e-primary school, kuthiwa ikhuleliswe umfowabo.

Umthombo osondelene nalolu daba, ongeke lidalulwe igama lawo, utshele iDaily Sun ukuthi ubabekazi wentombazane usandakuthola ukuthi ingane inokuba nama-morning sickness.

Funda nalolu daba: Bavelile abasolwa ngokubulala iphoyisa

“Ubenozinsolo zokuthi ingane ikhulelwe,” kusho umthombo.

“Ngesikhathi eyibuza ukuthi kwenzakalani, intombaane imtshele ukuthi sekuphele unyaka umfowabo elala nayo. Wayihambisa emtholampilo, nokuyilapho kuqinisekiswe khona ukuthi ikhulelwe.”

Umndeni waludingida lolu daba, laselubikwa emaphoyiseni.

“Ngokusho kwesisulu, umsolwa walala naye ngaphezulu kwamahlandla amahlanu.”

Umthombo wamaphoyisa uthe umsolwa uzinikele yena emaphoyiseni ngemuva kokuvulwa kwecala.

Okhulumela amaphoyisa uMajor Thulani Zwane ukuqinisekisile ukuthi kuvulwe icala lokudlwengula esiteshini samaphoyisa KwaMashu, kodwa uthe bekungakaboshwa muntu.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

We live in a world where facts and fiction get blurred
In times of uncertainty you need journalism you can trust. For only R75 per month, you have access to a world of in-depth analyses, investigative journalism, top opinions and a range of features. Journalism strengthens democracy. Invest in the future today.
Subscribe to News24
Lockdown For
DAYS
HRS
MINS
Voting Booth
Who do you think is going to win the 2020 US election?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Biden is going to take it
46% - 6014 votes
It's four more years for Trump
54% - 7101 votes
Vote
ZAR/USD
16.30
(+0.85)
ZAR/GBP
21.35
(-0.17)
ZAR/EUR
19.32
(+0.73)
ZAR/AUD
11.58
(+0.17)
ZAR/JPY
0.16
(+0.07)
Gold
1923.80
(+0.72)
Silver
25.10
(+1.52)
Platinum
893.00
(+2.52)
Brent Crude
43.05
(+1.28)
Palladium
2395.00
(+0.71)
All Share
55195.30
(-0.14)
Top 40
50770.62
(-0.16)
Financial 15
10064.55
(+1.09)
Industrial 25
74718.88
(-1.12)
Resource 10
54098.79
(+0.58)
All JSE data delayed by at least 15 minutes morningstar logo