Pietermaritzburg – Kushone abantu ababili kwathi owesithathu walimala kanzima engozini eyenzeke ku-R617 eMpendle, KwaZulu-Natal ngoLwesihlanu ntambama, kusho abosizo lokuqala.
Le ngozi ibandakanya iveni neloli ebelithwele izinkomo ezintathu. Umshayeli weveni nobegibele elolini bashinile, kusho uWerner Vermaak we-ER24.
OLUNYE UDABA: Ingozi yebhasi enyantisa igazi emgwaqeni omkhulu
Umshayeli weloli, okuyindoda okukholakala ukuthi ineminyaka ebalelwa kweko-60 ubudala isesimeni esibucayi njengoba ize yaphuka yashumpuleka nesitho. Lezi zimoto zombili zitholwe zindawonye zifahlakile kanti abezicishamlilo kubathathe isikhathi ukuthi batakule umshayeli weloli.
Umshayeli weloli ube esephuthunyiswa esibhedlela iGrey Hospital eMgungundlovu ngemuva kokuxilongwa endaweni yesigameko. Inkomo eyodwa itholwe ifile njengoba ichithwe yiloli.
Iziphathimandla zendawo zizoluphenya udaba.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela IzindabaNews24 kuTwitter