Durban - Ilimale kanzima indoda elimale esigamekweni sokudubulana esenzeke kuFelix Dlamini Road.
Abosizo lokuqala iRescue Care uGarrith Jamieson uthe akwaziwa okuholele kwesokudubula kodwa amaphoyisa ayaphenya, kubika iNewswatch.
OLUNYE UDABA: Kushone ababili kudutshulwana ebusuku
"Ngesikhathi abosizo lokuqala befika endaweni yesigameko bafica indoda eneminyaka ebalelwa kweko-30 inamanxeba okudutshulwa emzimbeni. Ificwe isesimeni esibucayi kwadingeka ukuba abosizo lokuqala basebenzise imishini eseqopheleni oluphezulu ukuyixilonga ngaphambi kokuyiphuthumisa esibhedlela esiseduze iyothola ukwelashwa ekudingayo," usho njalo.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela IzindabaNews24 kuTwitter