Isesitokisini indoda 'ebulale' iphoyisa kubangwa ubhiya eMlazi

Durban - Kugwazwe kwabulawa uValentine Gama ongumphenyi wamacala esiteshini saseMlazi kubangwa ubhiya esigcemeni sakwa-U ngoLwesihlanu olwedlule.

Kusolwa ukuthi uGama ugwazwe ngumakhelwane wakhe.

Ngokombiko wamaphoyisa aseMlazi, sekuboshwe owesilisa osolwa ngokubulala uGama, kubangwa i-dumpy likabhiya abelishiye emnyango, elithathwe ngumsolwa kwaba nengxabano, maqede wagwaza iphoyisa esifubeni, elishonele endleleni ebheke esibhedlela.

Umsolwa igama lakhe eligodliwe kulindeleke avele enkantolo maduzane kanti njenmgamanje usagqunywe esitokisini eWestville.

OLUNYE UDABA:Indoda igwaze umzala wayo kubangwa imali yokugibela

UGama kuthiwa ubebuya kozijabulela njengoba ebevphuma emcimbini wokuvaleliswa kukazakwabo osethathe umhlalaphansi.

Isigameko senzeke ngezithuba zabo-20h40.

“Kusolwa ukuthi uSergeant Gama waqonda umsolwa wamubuza ukuthi uwuphuzelani ubhiya wakhe. Umsolwa uzame ukwephucwa uGama isibhamu somsebenzi, kodwa umufi wadubula emoyeni,” kusho umthombo.


Lo mthombo phinde wathi intombi kaGama, imdonsele endlini yathi akangabe esaya emnyango imuxwayisa njengoba ebesephuzile, kodwa wangayilalela.

UGama ube esebuyela ngaphandle wazithela phezu komsolwa owayemlindele ehlome ngommese wamgwaza ngawo ephindelela.

UGama waphuthunyiswa esibhedlela eSiphingo Medical Towers, kodwa ngeshwa kwamenela endleleni.

Ngezithuba zabo-22:30 umsolwa waboshwa, kwashaqwa nesikhali abulale ngaso uGama.

Okhulumela amaphoyisa aseMlazi uCaptain Carmeni Rhynes uqinisekise isigameko. Bekungakazeki ukuthi umzolwa uzovela nini enkantolo.

 - EyethuNews

We live in a world where facts and fiction get blurred
In times of uncertainty you need journalism you can trust. For only R75 per month, you have access to a world of in-depth analyses, investigative journalism, top opinions and a range of features. Journalism strengthens democracy. Invest in the future today.
Subscribe to News24
Lockdown For
DAYS
HRS
MINS
Voting Booth
When a Covid-19 vaccine for under 16's becomes available, will you be taking your children to get it?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes, immediately!
38% - 3225 votes
I'll wait to see how others respond
26% - 2219 votes
No, I don't think they need it
36% - 3112 votes
Vote
ZAR/USD
14.92
(+0.18)
ZAR/GBP
20.85
(+0.10)
ZAR/EUR
18.05
(+0.04)
ZAR/AUD
11.69
(-0.36)
ZAR/JPY
0.14
(+0.28)
Gold
1734.53
(+0.62)
Silver
26.72
(+0.88)
Platinum
1208.00
(+1.85)
Brent Crude
63.29
(-1.13)
Palladium
2374.50
(+1.28)
All Share
68510.75
(+1.44)
Top 40
63104.70
(+1.61)
Financial 15
12568.48
(+0.90)
Industrial 25
89150.72
(+1.21)
Resource 10
70539.82
(+2.28)
All JSE data delayed by at least 15 minutes morningstar logo