Ishaqekile i-PGA ngowe-EFF ohlasele intatheli ePhalamende

Cape Town - IParliamentary Press Gallery Association ithi ishaqekile ngokuhlaselwa kwentatheli ePhalamende ihlaselwa yiLungu lePhalamende eliphinde libe yiSekela likaMengameli we-EFF, uFloyd Shivambu ngoLwesibili ekuseni.

U-Adrian de Kock, oyintatheli esebenza ngokushutha izithombe eNetwerk24, iklinyiwe yaphinde yashawa ebusweni ngesikhathi isondela kuShivambu icela ukuzwa uvo lwakhe ngodaba lweMeya yaseKapa uPatricia de Lille.

Ukuqondiswa izigwegwe kukaDe Lille bekubanjelwe ePhalamende namhlanje.

OLUNYE UDABA:BUKA: Owe-EFF ehlasela intatheli

UDe Kock, uthi uye kuShivambu ngenhloso yokuzwa ukuphawula kwakhe ngodaba lukaDe Lille kodwa waphushelwa eceleni.

Kube sekuqubuka ingxabano phakathi kukaDeKock noShivambu okuthe ngemuva kwesikhashana wabonakala esehamba ngesikhathi sekuqhamuka ezinye izintatheli wayongena ngaphakathi ephalamende.

USihlalo we-PGA u-Andiswa Makinana uthe isigameko siqoshiwe kanti uDe Kock unelungelo lokuba amangalele uShivambu nomngani wakhe.

"Noma ngabe iyiphi intatheli esebenza ePhalamende nanoma yikuphu, inelungelo lokushutha izithombe iphinde ibuze nemibuzo kunoma ngubani omele umphakathi. Besingekho isidingo sokuba uShivambu ashaye uDe Kock.

"I-PGA izobhalela uSomlomo wePhalamende, uSihlalo we-NCOP ne-Economic Freedom Fighter (EFF) incwadi, icela ukuba uShivambu axolise noma yena nomngani wakhe bathathelwe izinyathelo," kusho uMakinana.

 - Cape Argus

We live in a world where facts and fiction get blurred
In times of uncertainty you need journalism you can trust. For only R75 per month, you have access to a world of in-depth analyses, investigative journalism, top opinions and a range of features. Journalism strengthens democracy. Invest in the future today.
Subscribe to News24
Lockdown For
DAYS
HRS
MINS
Voting Booth
Will you continue to use WhatsApp following the company announcing a change terms of service which would force users to share personal data?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes, the terms of service do not bother me enough to switch
53% - 9258 votes
No, I will be switching over to a new service
43% - 7543 votes
I've never used WhatsApp
4% - 699 votes
Vote
ZAR/USD
14.87
(-0.24)
ZAR/GBP
20.49
(-0.78)
ZAR/EUR
18.16
(-0.73)
ZAR/AUD
11.58
(-0.40)
ZAR/JPY
0.14
(-0.35)
Gold
1869.94
(+0.01)
Silver
25.98
(+0.64)
Platinum
1123.99
(+1.92)
Brent Crude
55.55
(+0.23)
Palladium
2357.00
(-0.43)
All Share
64174.88
(+0.10)
Top 40
58969.37
(+0.19)
Financial 15
11940.13
(-0.48)
Industrial 25
85543.15
(-0.10)
Resource 10
63550.90
(+0.71)
All JSE data delayed by at least 15 minutes morningstar logo