Durban - Igandaywe yisitimela yashona indoda yaseGhandinagar ePreston ePark Rynie, KwaZulu-Natal, ngoLwesibili, kubika iMid South Coast Rising Sun.
Isidumbu sale ndoda sathathwa sayiswa emakhazeni akwahulumeni asePark Rynie.
"Kusolwa ukuthi isitimela sasibuyela eThekwini sisuka eKelso ngesikhathi umashayeli waso ebona indoda ime eceleni kukajantshi.
Umshayeli washaya i-hoot waze waphakamisa nesandla ezama ukutshela le ndoda ukuba igudluke, kodwa kunalokho yavele yangena kujantshi yabe isishayiswa isitimela.
OLUNYE UDABA:Owesifazane ushayiswe isitimela washona
"Nakuba umshayeli anyathela amabhuleki, akakwazanga ukuvimba isitimela ekutheni singayishayisi le ndoda," kusho okhulumela amaphoyisa uCaptain Vincent Pandarum.
Umufi uhlonzwe ngelikaMahomed Shaik, 62, ohlala elokishini laseGhandinagar kuFlamingo Road eMzinto.
Kuvulwe idokodo esiteshini samaphoyisa aseScottburgh.
Icala liphenywa nguWarrant Officer Vis Moodley ongumseshi esiteshini samapghoyisa aseScottburgh.