New Delhi - Usemakhandleleni umndeni kulandela ukulahlekelwa wusana lwawo oluzelwe oluthathwe yinkawu enonya endlini.
Le ngane ebinezinsuku ezingu-16 izelwe ibilulele endlini eseNdiya ngesikhathi kungena inkawu egumbini ebilele kulo yayithatha phambi kwanina obethukile.
Umama wale ngane uzamile ukusindisa ungane yakhe kodwa kwanhlanga zimuka nomoya.
OLUNYE UDABA:Umfana, 10, ubulale inkawu ebidla imifino kamalume wakhe
Lo mama ube esehayiza efuna usizo, ebuka lesi silwane sibaleka nengane yakhe.
Kube sekubizelwa amaphoyisa endaweni yesigameko.
Amaphoyisa endawo kanjalo nabasebenzi bomnyango wamahlathi namalungu endawo babe sebethungatha lolu sanale ngane.
Isidumbu sale ngane sitholakale kwipitsi e-Orissa ngemuva kwesikhathi eside ifunwa.
Ukuhlolwa kwesidumbu kudalule ukuithi ingane ishone ngenxa yokugqiliza emanzini.
- wwww