Umqeqeshi weMamelodi Sundowns uPitso Mosimane uthi ngeke baze baye "kokhithiza" abadlali njengoba belungiselela isizini ezayo.
UMosimane kubikwa ukuthi usayinise umdlali odabuka eGuinea-Bissau uToni Silva, 24, inkontileka yeminyaka emithathu, okubukeka sengathi uzovala isikhala sikaKhama Billiat, inkontileka yakhe ezophelelwa yisikhathi ngoJuni.
U'Jingles' kubikwa ukuthi ugaqele nomdlali weBafana Bafana, u-Andile Jali ngaphambi kokuqala kwesizini ka-2018/19.
Nokho kuthiwa amaBrazilians, ambanga namakilabhu amakhulu kuleli uJali, njengoba nawo ebheke ukumsayinisa.
UMosimane uthe sezaphela izinsuku zokuthi iSundowns ichithe izimali ezishisiwe ithenga inqwaba yabadlali.
OLUNYE UDABA: Isicoco seligi sisezandleni zethu - Mosimane
"IMamelodi Sundowns ayisafani nakuqala lapho yayisayinisa abadlali abangu-15 ngesikhathi esisodwa," kusho uMosimane.
"Sesiyabazi manje abadlali esibadingayo nokuthi kumele sisiqinise kuphi isikwati," esho.
Uthe ngeke "bakhithize" ngoba nakhu sebenqobe isicoco seligi.
"Angeke ngigagule magama amakilabhu, kepha ayiphele le nto yokuthi kuthengwe yonke inhlobo yabadlali ngoba nakhu kuthathwe isicoco seligi. Kumele siqaphele."
USilva ubedlalela iLevadiakos kwiGreek Superleague.