Isishoshovu sezitabane sashaywa ngunogada sakhihla esikaNandi

Cape Town - Isishoshovu sezitabane uThando Dyamara, 24, sithi sashaywa ngunogada ngempama wamhlaza ngaphandle kwesitolo esikhulu esiseKhayelitsha ngomhlaka-12 Januwari.

“Wangishaya ngempama waqinisekisa ukuthi wonke umuntu uyayizwa inkulumo yakhe enamazwi ahlabayo,” kusho uDyamara.

UDyamara uthe unogada wamshaya ngemuva kokuba emcele ukuba amubhekele isikhwama sakhe ayesiphethe.

Isikhwama sasigcwele impahla yokugqoka kamfowabo kaDyamara omncane.

OLUNYE UDABA: Isangoma sixwayisa isitabane

“Ngamcela ngesihle ukuthi angigadele isikhwama sami ngesikhathi ngiyothenga isinkwa ngaphakathi esitolo,” kusho uDyamara.

“Lo nogada uthe angeke  wathi nyena angheke aze atshelwe yisitabane ukuthi enzeni wanguthuka wathi uzongikhahlela  ngoba anginalo ilungelo likubeka isikhwama la.”

UDyamara uthi lo nogada wamshaya kakhulu wakhala.

“Ngakhala ngoba ngangihlazwa wumuntu ongazifuni izitabane futhi omude omkhuli kunami,” usho njalo.

“Ngangingeke ngikwazi ukulwa naye

“Ngisho sengikhala akazange angidabukele noma atshengise ukuzisola kunalokho uvele wangibuka nje wenza sengathi akonakele lutho.”

Ngokusho kombiko weDaily Sun njengamanje uDyamara ufuna lo nogada  aboshwe ukuze ezofunda ukuhlonipha abanye abantu ,” kusho Dyamara.

Okhulumela amaphoyisa uCaptain Frederick Van Wyk uthe: “Singakuqinisekisa kuvulwe icala lokushaya kanti kuyaphenya. “

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter     

We live in a world where facts and fiction get blurred
In times of uncertainty you need journalism you can trust. For only R75 per month, you have access to a world of in-depth analyses, investigative journalism, top opinions and a range of features. Journalism strengthens democracy. Invest in the future today.
Subscribe to News24
Lockdown For
DAYS
HRS
MINS
Voting Booth
When assisting your child with remote learning this year, did you:
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Follow the school's comprehensive sexuality education (CSE) curriculum?
13% - 126 votes
Adjust the CSE curriculum to suit the family's morals?
24% - 236 votes
Ignore the schools CSE programme and do your own teaching?
63% - 622 votes
Vote
ZAR/USD
15.20
(-0.07)
ZAR/GBP
20.25
(-0.26)
ZAR/EUR
18.17
(-0.15)
ZAR/AUD
11.23
(-0.26)
ZAR/JPY
0.15
(-0.11)
Gold
1786.61
(-0.02)
Silver
22.68
(+0.13)
Platinum
965.22
(+0.30)
Brent Crude
48.27
(+0.96)
Palladium
2413.01
(+0.60)
All Share
57822.50
(-0.17)
Top 40
53021.58
(-0.12)
Financial 15
11577.71
(-0.58)
Industrial 25
79894.95
(-0.12)
Resource 10
52804.55
(+0.03)
All JSE data delayed by at least 15 minutes morningstar logo