Isiswele umgodi wokucasha manje i-ANC, kusho i-UDM kolwamaSpy Tapes

Bloemfontein – Umholi we-United Democratic Movement (UDM) uBantu Holomisa ngoLwesihlanu uthe isinqumo seNkantolo yokuDluliswa kwamaCala sokuchitha isicelo sikaMengameli Jacob Zuma neNational Prosecuting Authority sokuphikisa isinqumo sokuthi uZuma aphinde abekwe amacala enkohlakalo, asimumangazi.

"I-ANC isiphinde yaphoxeka futhi njengoba yakwazi ekuqaleni ukufaka u[Mokotedi] Mpshe umoya," kusho uHolomisa.

UMpshe wayengumqondisi wezokushushiswa komphakathi, okunguyena owakhipha isinqumo sokuthi uZuma angashushiswa ngala macala.

UHolomisa ukhulume kanje kulandela ukuphuma kwesinqumo, esichithe isicelo sikaZuma ne-NPA baphinde bayalelwa ukuthi bakhokhele izindleko zecala, ngoLwesihlanu.

OLUNYE UDABA: I-ANC ngeke iphawule manje ngesinqumo senkantolo ngoZuma ne-NPA

Lokhu kumayelana nodaba lwamaSpy Tapes.

"Lokhu kuyinkinga ezweni ngenxa yokuthi i-NPA kanye nomsolwa, onguJacob Zuma, baya enkantolo bacela ukuthi uZuma angashushiswa.

"I-ANC kungenzeka ukuthi iphoqeleke ukuthi ikhiphe uZuma esikhundleni ngokushesha, kungenjalo, iPhalamende kuzomele liqoke amajaji amabili noma amathathu okuyiwona azoklama umbiko kubonakale ukuthi yimaphi amacala asanesisindo njengamanje."

UHolomisa uthe i-NPA "akumele iyekelelwe iwenze yodwa lo msebenzi ngoba ayisathembekile".

UZuma ne-NPA baya eNkantolo yokuDluliswa kwamaCala becela ukuthi kuhoxiswe isinqumo sokuthi amacala ayebekwe wona aphinde athweswe wona kabusha, esasikhishwe yiNkantolo eNkulu yaseNorth Gauteng, ePitoli, ngo-2016.


We live in a world where facts and fiction get blurred
In times of uncertainty you need journalism you can trust. For only R75 per month, you have access to a world of in-depth analyses, investigative journalism, top opinions and a range of features. Journalism strengthens democracy. Invest in the future today.
Subscribe to News24
Lockdown For
DAYS
HRS
MINS
Voting Booth
As a child or as an adult, have you ever been a victim of bullying?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes, at school
53% - 486 votes
Yes, at work
16% - 147 votes
No, I've never experienced this
31% - 287 votes
Vote
USD/ZAR
14.31
(0.0)
GBP/ZAR
19.81
(0.0)
EUR/ZAR
17.15
(0.0)
AUD/ZAR
11.07
(0.0)
JPY/ZAR
0.13
(0.0)
Gold
1,776.67
(0.0)
Silver
25.97
(0.0)
Platinum
1,203.79
(0.0)
Brent Crude
66.77
(-0.3)
Palladium
2,781.00
(0.0)
All Share
68,699
(+1.3)
Top 40
62,898
(+1.3)
Financial 15
12,446
(+0.8)
Industrial 25
89,364
(+0.8)
Resource 10
70,350
(+2.2)
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo