Izakhamuzi zivale isikole sokusoka eLimpopo

Johannebsurg - Izakhamuzi zivale isikole sokusoka esingekho emthethweni singakashayi isikhayi sokuphela kwesizini yokusoka. Bekufanele engabe ivalwa ngomhlaka-21 kule nyanga.

Izakhamuzi zaseMakhuva ngaphandle kwaseGiyani zibhekane ngeziqu zamehlo nabaholi zithi azizange zitshelwe lutho zona.

Balinganiselwe kwabangu-18 abafana abasokayo asebedluliselwe kwezinye izikole zokusoka.

OLUNYE UDABA: Kuvalwe isikole sokusoka kutholakala abasokwa belimele kabi

USihlalo wekomidi lezikole zokusoka u-Eric Mdavula, uthe kuyabathusa okwenziwa yizakhamuzi njengoba lesi sikole sigunyaziwe.

"Kuyasethusa lokhu, asazi ukuthi kuqutshulwe yini ngoba bayayazi inqubo. Sicabanga ukuthi kwalandelwa yonke imigudu kwafakwa nesicelo kahle njengoba kufanelekile, yingakho sanikwa imvume. Kuyasimangaza ukuthi lesi sikole sesivaliwe. Akujwayelekile futhi asikaze sikubone okwenziwa yizakhamuzi zaseMakhuva," usho njalo.

Okhulumela umphakathi waseMakhuva uVulani Baloyi umile kwelokuthi abaholi bendabuko abazange baxoxisane nabo ngesikhathi kuqalwa lesi sikole.

"Inkosi yethu ayikaze ixhumane nathi ngesikhathi ivula lesi sikole, yingakho njengomphakathi singasifuni," kusho uVulani Baloyi.

Khonamanjalo, usephinde waboshwa uCalvin Nephawe, 46, okunguye osaka abafana, ngokuqhuba isikole esingekho emthethweni eMusina.

Kusolwa ukuthi uphinde waqala esinye isikole esingekho emthethweni. Udedelwe ngebheyili yemali engu-R500 kanti uzophinde avele enkantolo ngomhlaka-18 Julayi. 


 - SABC 

We live in a world where facts and fiction get blurred
In times of uncertainty you need journalism you can trust. For only R75 per month, you have access to a world of in-depth analyses, investigative journalism, top opinions and a range of features. Journalism strengthens democracy. Invest in the future today.
Subscribe to News24
Lockdown For
DAYS
HRS
MINS
Voting Booth
Who do you think is going to win the 2020 US election?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Biden is going to take it
46% - 6630 votes
It's four more years for Trump
54% - 7714 votes
Vote
ZAR/USD
16.30
(+0.23)
ZAR/GBP
21.36
(+0.40)
ZAR/EUR
19.28
(+0.42)
ZAR/AUD
11.58
(+0.23)
ZAR/JPY
0.16
(+0.14)
Gold
1905.90
(-0.79)
Silver
24.69
(-0.97)
Platinum
867.00
(-1.86)
Brent Crude
42.06
(-3.35)
Palladium
2362.50
(-0.92)
All Share
54916.41
(-0.78)
Top 40
50436.45
(-0.92)
Financial 15
10306.09
(+1.65)
Industrial 25
74296.46
(-0.38)
Resource 10
53146.37
(-2.39)
All JSE data delayed by at least 15 minutes morningstar logo