Izifundiswa zidinwe yinkulumo ethinta u-matric

Durban - Zidinwe ziyaveva izifundiswa ngenkulumo eyenziwe yisikhulu sama-South African Traditional Music Awards (SATMA), uDokotela Dumisani Goba, kubika iphephandaba ILANGA.

UDkt Goba ongumsunguli nomgqugquzelu wamaSATMA ubekhuluma emcimbini obuShaka Marine ngempelasonto eyedlule. Enesikhulu saseSABC uMnu Hlaudi Motsoeneng bebencomana, bezishaya isifuba ngokungabi nawo umatikuletsheni.

UDkt Goba uthe: "Ungabanaki abantu abakugxekayo ngoba nakhu ungenawo umatikuletsheni. Angithi nami ngaqala amaSATMA ngingenawo umatikuletsheni kodwa buka, ngiqashe inqwaba yezifundiswa ezifunde zagogoda, ezinye zinama-masters degree kodwa zisebenzela mina. Phela wena uyindoda emadodeni, unokuhlakanipha kokuzalwa nje futhi nezinqumo ozithathile kaziwudingi nalowo matikuletsheni," kusho uDkt Goba.

Uqhube wathi: "Yini yona umatikuletsheni? Ubaluleke ngani nje? Umatikuletsheni awumenzi umuntu ukuthi ahlakaniphe".

UMnu Motsoeneng naye unanelile, ezincoma ngokuhlakanipha. "Kanginawo umatikuletsheni kodwa ngihlakaniphile. Noma bangakhuluma bathini kodwa ekugcineni ngizoyenza into engifuna ukuyenza. Ngizoyishintsha iSABC ngoba ekugcineni yimina owenza izinqumo," kusho uMnu Motsoeneng.

Izifundiswa zidinwe zashiya ezingalazi ngale nkulumo kaDkt Goba noMnu Motsoeneng, zibasola ngokubukela phansi imfundo.

USolwazi Thandabantu Nhlapo wase-University of Cape Town uthe: "Kusamele asichazele ukuthi umatikuletsheni awubalulekile uma kukhulunywa ngani.

Enjalo nje uGoba uhlanganisa izinto ezingahlangani ngoba uMotsoeneng wangena esikhundleni esidinga umatikuletsheni, yingakho indaba yakhe yaze yaphenywa, kwavela nendaba yenkohlakalo. Vele uma kukhulunywa ngenkohlakalo, wukwenzelela, nokuqashana ngokobungani awubalulekile umatikuletsheni.

Funda nalolu daba: "Ukubulawa kukaSenzo kuhlobene nokudayisw akwemidlalo"

Kodwa uma ufuna impilo engcono namathuba angcono uyawudinga umatikuletsheni. Impumelelo kaGoba noMotsoeneng nokungabinawo umatikuletsheni kwabo akusoze kwasetshenziswa njengesibonelo esihle entsheni. Inkulumo efana nale iyayidukisa intsha". 

Omunye uSolwazi naye ongenawo umatikuletsheni uPitika Ntuli  uyihlabe wayihlizika le nkulumo, wathi: "Nami anginawo umatikuletsheni kodwa iyangethusa le nkulumo kaGoba. Empeleni ikhombisa indlela acabanga ngayo. Akuyona into ongayisho kugcwele abantu le, noma umyalezo ongawudlulisela entsheni. Ngamanye amazwi uchaza ukuthi akusamele kufundwe ngoba asikho isidingo salokho. Mhlawumbe le ndlela acabanga ngayo yiyona le edala ukuthi angabi nawo".    

UDkt Dial Dayana Ndima wase-University of South Africa uthe kungenzeka ukuthi uDkt Goba ucikwa yizona izifundiswa.  "Bekungamele akusho lokhu ngoba izingane zingase zithole umlayezo okungewona. Yize kunjalo ngigxeka zona izifundiswa ngokuhlezi zigxeka labo abangenawo umatikuletsheni. Ngisho bangenza kahle kangakanani, baphumelele kangakanani izifundiswa zihlezi zifuna ukubakhumbuza ukuthi abanawo umatikuletsheni," kubeka uDkt Ndima.

Okhulumela iSouth African Democratic Teachers Union (Sadtu) kuzwelonke, uNkz Nomusa Cimbi ubhoke ngolaka wathi le nkulumo ka Dkt Goba kayikhombisi ukuvuthwa.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

We live in a world where facts and fiction get blurred
In times of uncertainty you need journalism you can trust. For only R75 per month, you have access to a world of in-depth analyses, investigative journalism, top opinions and a range of features. Journalism strengthens democracy. Invest in the future today.
Subscribe to News24
Lockdown For
DAYS
HRS
MINS
Voting Booth
When a Covid-19 vaccine for under 16's becomes available, will you be taking your children to get it?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes, immediately!
38% - 3033 votes
I'll wait to see how others respond
26% - 2093 votes
No, I don't think they need it
36% - 2945 votes
Vote
ZAR/USD
15.04
(-0.52)
ZAR/GBP
20.87
(+0.00)
ZAR/EUR
18.05
(+0.06)
ZAR/AUD
11.65
(-0.01)
ZAR/JPY
0.14
(-0.31)
Gold
1716.10
(-0.42)
Silver
25.96
(-2.01)
Platinum
1174.00
(-1.01)
Brent Crude
63.29
(-1.13)
Palladium
2349.50
(+0.21)
All Share
67397.11
(-0.21)
Top 40
61999.74
(-0.17)
Financial 15
12470.16
(+0.11)
Industrial 25
88303.79
(+0.25)
Resource 10
68320.52
(-0.94)
All JSE data delayed by at least 15 minutes morningstar logo