Cape Town - Labo abathola isibonelelo sikahulumeni ngokusebenzisa ikhadi lakwaSouth Africa Social Security Agency (Sassa) emabhange, bazokhokha inhlawulo ka-R10 yama-bank charges kusukela ngomhlaka-1 Ephreli.
Lokhu kuvezwe yiSocial Security Agency ePhalamende ngoLwesithathu, nebinikezela ngokuzokwenzeka mayelana nokuholwa kwezibonelelo zikahulumeni kusukela ngo-Ephreli.
NgoLwesihlanu, iNkantolo yoMthethosisekelo yalulela iCash Paymaster Services isikhathi sokuba izibonelelo ziholelwe abantu ngokheshi.
Kepha iSassa ikhala ngokuthi ukukhipha enye inkontileka yokuholela abantu ngokheshi kungase kuyilahlekisele.
OLUNYE UDABA: Kuxwayiswa abanamakhadi akwa-SASSA ngoshintsho
Ithi isezingxoxweni noMnyango woMgcinimafa nowezokuThuthukiswa koMphakathi ukuthi kwehliswe ama-bank charges abantu abangu-5.4 million abahola izibonelelo besebenzisa amakhadi akwaSassa, kepha okwamanje bazowakhokha.
Le nhlawulo imayelana nokuqhubeka kokusebenzisa iGrindrod Bank ngaphandle kwenkontileka kuze kube iPosi likulungele ukuthatha izintambo.
Amalungu ePhalamende awazange azamukele kahle lezi zindaba.
USihlalo uZoleka Capa uthe: “Akumele abantu abathola izibonelelo zikahulumeni bathwale kanzima ngenxa yamaphutha ethu."