Johannesburg - Isalukazi nomfana oneminyaka engu-9 ubudala babulawe yizingwenya ezigamekweni ezahlukene eThohoyandou ngempelasonto edlule, kubika iBosveld Review.
Lokhu kubeka isibalo sabantu abahlaselwe yizingwenya kwabathathu, kulandela esinye isehlakalo sokuminza kwendoda eMogol River, eLephalale.
Ngokusho kokhulumela amaphoyisa, uLt Col Moatshe Ngoepe, isidumbu sowesifazane, 76, sitholwe sintanta edamini iNandoni ngoLwesihlanu. Isidumbu sakhe besingungwe yizingwenya.
OLUNYE UDABA:Sitholakele isidumbu sowesifazane owadonselwa yingwenya emanzini
UNgoepe uthe amaphoyisa kudingeke ukuba ajikijele amatshe ukuxosha lezi zilwane ngaphambi kokuba isidumbu sikhishwe emanzini.
Uphenyo lwakamuva ludalule ukuthi izingwenya zidle izandla zombili, imilenze nesisu kwalo wesifazane.
Khonamanjalo, ingwenya ihlasele yadwengula umfana, 9, eMutale River Tswera ngeSonto.
Iqeqebana labafanyana belibhukuda emfuleni ngesikhathi lo mfana ebanjwa yingwenya. Abanye abafana baphumile emanzini bagijima bebheke emakhaya beyobikela abadala ngokwenzekile.
Abadala baphuthume emfuleni bafica isidumbu salo mfana sesintanta emanzini babe sebebikela amaphoyisa.
UNgoepe uphethe ngokuthi uphenyo kuzo zombili izigameko luyaqhubeka.