Durban - Abantu abane, okubalwa kubona nezithandani ezisolwa ngokuba nobudlelwane ne-ISIS, kulindeleke bavele eNkantolo kaMantshi eVerulam ngoLwesine.
Abatshali bezimbali baseKapa, uRodney noRachel Saunders, baduka ngoFebhuwari. Bobabili, laba abanobuzwe baseNingizimu Afrika nobaseBhirthane, kuthiwa bathunjwa ngaseBivane Dam eVryheid, KwaZulu-Natal.
Kuze kube manje bebengakaze batholakale.
USayefudeen Del Vecchio, 37, Fatima Patel, 27, Themba Xulu, 19, ebebehlala nezithandani, kanye no-Ahmad Jackson Mussa‚ 36, babhekene necala lokuthumba, ukushaya nelokuphanga.
OLUNYE UDABA: Kuyaphenywa ngephoyisa elishaye labulala abafana ababili
UXulu kuthiwa watholakala nomakhalekhukhwini bezithandani, ngemuva kokuba amaphoyisa eqalise uphenyo ngokunyamalala kwazo. Waboshwa ngoFebhuwari 26.
UDel Vecchio noPatel baboshwa emzini wabo ngoFebhuwari 15 kanti babhene nangamacala obushokobezi.
UMussa, owaziwa ngelikaBazooka, waboshwa ngoMashi 22 eNewlands eThekwini.