IZITHOMBE: Izinkulungwane zisale dengwane kulandela isiteleka samabhasi

Izinkulungwane zabagibeli bamabhasi zikuthole kunzima ukuya ezindaweni ezehlukene kulandela isiteleka samabhasi sikazwelonke esiqale ngo-05:30 ngoLwesithathu baphoqeleka ukuba babambe olayini abade belinde amatekisi.

Zibalelwa okungenani ku-50 izinkampani zamabhasi ezingenele isiteleka ezweni.

Iziteshi zeMyCiTi ezijwayele ukuphithizela ngezikhathi zasekuseni nantambama eCape Town Civic Centre bezikhala ibhungezi namhlanje kanjalo neseDurban Station, KwaZulu-Natal, njengoba bekungekho ngisho nebhasi lokubika.

Kube nemibiko eveze ukuthi bekungekho mabhasi abesebenza eNewcastle, KwaZulu-Natal. Bekunemigqa emide eMitchells Plain, eKapa naseSeshego, ePolokwane. EKhayelitsha, eKapa, abagibeli basale dengwane bengenazo izinto zokuhamba.

Phakathi kwalabo abathikamezekile ngenxa yalesi siteleka kubalwa abasebenzi nabafundi. 

Kube nemibiko ethi izitshudeni zase-University of Johannesburg, ezisebenzisa kakhulu amabhasi akwaMega Bus, kumele zithole ezinye izinto zokuhamba.

Izingane zesikole zibonakale zibambe olayini abade zilinde amatekisi eNelson Mandela Bay.

Abasebenzi bafuna ukunyuselwa amaholo ngo-12%, kanti umqashi ubeka etafuleni u-7%. Kube sekukhishwa isaziso sesiteleka ngemuva kokuthi izingxoxo neSouth African Road Passenger Bargaining Council (SARPBC) zifinyelela kwangqingetshe.


We live in a world where facts and fiction get blurred
In times of uncertainty you need journalism you can trust. For only R75 per month, you have access to a world of in-depth analyses, investigative journalism, top opinions and a range of features. Journalism strengthens democracy. Invest in the future today.
Subscribe to News24
Lockdown For
DAYS
HRS
MINS
Voting Booth
When a Covid-19 vaccine for under 16's becomes available, will you be taking your children to get it?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes, immediately!
36% - 1858 votes
I'll wait to see how others respond
27% - 1401 votes
No, I don't think they need it
37% - 1889 votes
Vote
ZAR/USD
14.48
(+0.40)
ZAR/GBP
20.49
(+0.21)
ZAR/EUR
17.63
(+0.22)
ZAR/AUD
11.54
(-0.36)
ZAR/JPY
0.14
(+0.87)
Gold
1801.45
(-0.23)
Silver
27.85
(+0.78)
Platinum
1265.06
(+1.48)
Brent Crude
64.18
(+0.19)
Palladium
2435.99
(+4.70)
All Share
66200.76
(+0.42)
Top 40
60747.41
(+0.42)
Financial 15
12354.99
(+0.99)
Industrial 25
86550.38
(-0.10)
Resource 10
66735.02
(+0.89)
All JSE data delayed by at least 15 minutes morningstar logo