Amaphoyisa aseGauteng asekhiphe umehlokaboni kozoveza ulwazi olungaholela ekuboshweni kweziboshwa ezintathu ezilahlwe ngamacala okubulala ezeqe eNkantolo eNkulu yaseGoli ngesonto eledlule.
I-Eyewitness News ibike ekuseni ngoMsombuluko ukuthi abamangalelwa abathathu abalahlwe amacala okubulala, abebesanda kwehliselwa izigwebo zikadilikajele, beqile ngaphambi kokuba bayiswe ejele.
ULindelani Nyathi, uBukelani Nyathi noQiniso Dladla bagojelwe yicala lokubulala umndeni waseLawley, eningizimu yeGoli, ngo-Agasti 2016.
Abathathu kwabane abagwetshwe udilikajele bakwazile ukweqa ngesikhathi beyiswa evenini ethwala iziboshwa uma ziya eNkantolo eNkulu yaseGoli zisuka ejele laseGoli.
OLUNYE UDABA: Kweqe iziboshwa ebezisanda kugwetshwa udilikajele ngawokubulala
Amaphoyisa athi awazange ayidedele imininingwane ngesigameko ngesonto eledlule ngoba abeqhuba uphenyo olunzulu lokubamba lezi ziboshwa.
Okhulumela amaphoyisa uLungelo Dlamini uthi kunomehlokaboni ozoklonyeliswa lowo ozoqhamuka nolwazi oluzoholela ekuboshweni kwalezi ziboshwa ezeqile.
"Okwamanje asazi ukuthi zikuphi, kepha sicela abanolwazi ukuba basisize. Lonke ulwazi luzoklonyeliswa."
Isiboshwa esingakwazaga ukweqa siphonswa imibuzo, esho.
IZITHOMBE:
#InmatesEscape Police have now released mug shots of prisoners who escaped from Joburg High Court. GN pic.twitter.com/YZMFUhHe6J
— EWN Reporter (@ewnreporter) April 16, 2018