eGoli - Intokazi ehlonishwa kakhulu ngekhono layo kwezokulingisa, uBaby Cele, ibhale ezinkundleni zokuxhumana izwakalisa intokozo ngoshintsho olwenzeke empilweni yayo.
Lo mlingisi odlala ohlelweni iRing of Lies usethole uthando kanti kubukeka sengathi yena nesinqandamathe sakhe babophe elikasofasilahlane.
Le ntokazi isebenzise inkundla yezokuxhumana u-Instagram ukuveza izindaba zomshado wayo lapho ifake khona isithombe sayo nomyeni wayo begqoke ngokwesintu.
OLUNYE UDABA:Bathi luzokuba mnandi uhlelo olusha "lwabagxeka" imishado
Lo mlingisi ubonakala kulesi sithombe ephethe izimbali zomshado.
Ngemuva kancane kokuthi kuphume lesi sithombe, osaziwayo abafana noDineo Moeketsi kanye noThandeka Dawn King badlulise amazwi okumhalalisela.
UCele kuyaziwa ukuthi wagana uMandla Mabuza ngo-2009 kodwa izinto azihambanga kahle neze kulowo mendo.
Ngaphambi kwalokho, wake washada phambilini esemusha, kodwa nakhona akuhambanga kahle.
UCele uphinde wafaka isibongo sakhe esisha ku-Instagram washo nokuthi usengunkosikazi womuntu.