eLimpopo - Isisebenza njengokujwayelekile imigwaqo u-N1 kanye no-R101 ngemuva kukovalwa izinsuku ezimbalwa ngenxa yezikhukhula.
U-R101 ophakathi kweHammanskraal neBela-Bela usuvuliwe.
NgoNgqibelo ebusuku, iziphathimandla zivale lo mgwaqo ngemuva kokuwa kwebhulohwe ePienaarsrivier ngenxa yezikhukhula.
OLUNYE UDABA:Kuxwayiswa izakhamuzi ukuba ziqaphele izingwenya ngemuva kokuwa kwebhulohwe
UKhomishana wamaphoyisa eLimpopo uNneke Ledwaba uthi izimoto sezihamba kahle kulo mgwaqo.
"Nami bengiyingxenye yalabo abebehamba kulo mgwaqo ngemuva kokuva uvalwe ukuze kulungiswe ingxenye yendawo lapho kuwe khona ibhulohwe,"kusho yena.
#Pienaarsrivier About 5 homes have been damaged due to flooding in the area. pic.twitter.com/6NPglvU9fM
— silindelo masikane (@Slindelo_M) March 25, 2018
#Pienaarsrivier Images from the community when it was flooding yesterday. Some families had to be evacuated from their homes. pic.twitter.com/Lo3Luzb08s
— silindelo masikane (@Slindelo_M) March 25, 2018