New Delhi - Izitshudeni ezintathu ezifunda ekolishi zigaywe yisitimela zashona ngoLwesibili zishutha izithombe kujantshi eNdiya, okuyizwe elinesibalo esiphezulu sabantu abashona bethatha ama-selfie.
Laba bobathathu bebezishutha kujantshi ngesikhathi beshayiswa yisitimela edolobheni iBidadi, enigizimu yesifundazwe iKarnataka, kusho amaphoyisa.
"Sithole izidumbu zabo kujantshi kanti kuqaliswe uphenyo," kusho u-R S Bylanjaiah, oyisikhulu samaphoyisa asezitimeleni, etshela i-AFP.
Uthe izisulu zipake izithuthuthu zazo eceleni zase ziya maphakathi nojantshi ziyothatha izithombe.
OLUNYE UDABA: Uminze washona ophoseke edamini bethatha ama-selfie
Ngenyanga eyedlule, owesilisa wagxotshwa yindlovu washona ezama ukuthatha i-selfie nayo esifundazweni esisempumalanga yezwe, i-Odisha.
Ucwaningo olwenziwa yizitshudeni zaseCarnegie Mellon University ne-Indraprastha Institute of Information Delhi luthole ukuthi izigameko ezingu-127 zokushona kwabantu bethatha ama-selfie phakathi kukaMashi 2014 noSepthemba 2016, ezingu-76 kuzona zenzeka eNdiya.
NgoNovemba wonyaka odlule kushone izitshudeni zizama ukuthatha i-selfie phambi kwesitimela sihamba, enyakatho yeNdiya.
Esinye isitshudeni sashona sithatha i-selfie eweni, kanti kuzowa itshe esasinyathele kulo sase sikhalakathela umhosheni.