Izwakalise ukushaqeka i-CGE ngokuhlaselwa kowesifazane ngaphandle kwaseLuthuli House

Johannesburg - Inhlangano i-Commission for Gender Equality (CGE) izwakalise ukushaqeka ngokushaywa kowesifazane obebhikisha ngaphandle kwekomkhulu le-ANC eGoli.

I-ANC ngaphambilini ikugxekile ukuhlaselwa kwababhikishi abebehlangene ngaphandle kwaseLuthuli House beseka uMengameli Jacob Zuma.

Kuqubuke ingxabano ngaphandle kwaseLuthuli House ngoMsombuluko ngemuva kokuba ababhikishi abahamba noZuma bezame ukuhola imashi emelene nokugudluzwa kwakhe ehhovisi.

OLUNYE UDABA:BUKA: Amalungu e-ANC eshaya kabuhlungu owesifazane ngaphandle kwaseLuthuli House

Kune-video etshengisa owesifazane eshaywa kanzima ngowesilisa obegqoke isikibha se-ANC.

Okhulumela i-CGE uJavu Baloyi uthe: "Kule video esisabalele yonke indawo, lo wesifazane ubonakala ekhahlelwa kabuhlungu yindoda egqoke isikibha se-ANC.

"Ikhomishini ishaqekile ukuthi akekho noyedwa ozame ukusiza lo wesifazane obesegingqike phansi ngesikhathi kuqhubeka lesi sigameko."

ISITHOMBE:


 - SABC

We live in a world where facts and fiction get blurred
In times of uncertainty you need journalism you can trust. For only R75 per month, you have access to a world of in-depth analyses, investigative journalism, top opinions and a range of features. Journalism strengthens democracy. Invest in the future today.
Subscribe to News24
Lockdown For
DAYS
HRS
MINS
Voting Booth
Who do you think is going to win the 2020 US election?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Biden is going to take it
47% - 7786 votes
It's four more years for Trump
53% - 8941 votes
Vote
All Share
55339.58
(+0.99)
Top 40
50692.28
(+0.83)
Financial 15
10790.70
(+3.99)
Industrial 25
74905.70
(+1.05)
Resource 10
52561.57
(-0.49)
All JSE data delayed by at least 15 minutes morningstar logo