Kubanjwe iphoyisa lilayisha isiklabhu evenini lomsebenzi

Johannesburg - Amalungu omphakathi abedinwe egane unwabu ngesikhathi ebambe iphoyisa lilayishe isiklabhu evenini yamaphoyisa

Leli phoyisa laseMeqheleng eduzane naseFicksburg eFree State, lizoqondiswa izigwegwe ngokusebenzisa imoto yomsebenzi ukuthutha isiklabhu ngobusuku obandulela uKhisimusi.

Ngokusho kwezakhamuzi, bekungesikho okokuqala leli phoyisa libonakala lisebenzisa imoto yomsebenzi ukwenza izinto zayo ezingahlangene nomsebenzi.

OLUNYE UDABA: Kuthukuthele izakhamuzi iphoyisa lithutha ifriji ngeyomsebenzi

Ufakazi utshele iDaily Sun ukuthi: "Uma ubika ubugebengu, amaphoyisa akutshela ukuthi azikho izimoto. Lokhu kwenzeka ngoba behla benyuka ngamaveni omsebenzi bathuthana neziklabhu.

"Ngangime ekhoneni lomgwaqo ngesikhathi ngibona iveni lamaphoyisa aseFickburg lipake endaweni okudayisa kuyo iziklabhu. Ngashaqeka ngesikhathi iphoyisa lisebenzisa iveni lamaphoyisa ukuthwala isiklabhu.

"Leli phoyisa lalingabukeki likhululekile. Kuyacaca ukuthi lalazi ukuthi elikwenzayo akuvumelekile. Lokhu elalikwenza ukusebenzisa impahla kahulumeni ngendlela engafanele."

Okhulumela amaphoyisa uCaptain Phumelelo Dhlamini uthe: "Sizophenya lolu daba ngaphakathi ngemuva kwalokho lizoqondiswa izigwegwe."

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter                


We live in a world where facts and fiction get blurred
In times of uncertainty you need journalism you can trust. For only R75 per month, you have access to a world of in-depth analyses, investigative journalism, top opinions and a range of features. Journalism strengthens democracy. Invest in the future today.
Subscribe to News24
Lockdown For
DAYS
HRS
MINS
Voting Booth
Who do you think is going to win the 2020 US election?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Biden is going to take it
46% - 7042 votes
It's four more years for Trump
54% - 8145 votes
Vote
ZAR/USD
16.18
(-0.05)
ZAR/GBP
21.19
(-0.00)
ZAR/EUR
19.17
(-0.15)
ZAR/AUD
11.58
(-0.24)
ZAR/JPY
0.15
(-0.17)
Gold
1910.75
(+0.32)
Silver
24.78
(+0.42)
Platinum
889.00
(+1.02)
Brent Crude
42.50
(+1.69)
Palladium
2371.00
(+0.65)
All Share
55302.74
(+0.92)
Top 40
50740.30
(+0.92)
Financial 15
10468.17
(+0.89)
Industrial 25
74807.05
(+0.91)
Resource 10
53306.44
(+0.92)
All JSE data delayed by at least 15 minutes morningstar logo