Kube wuKhisimusi kugingqika iloli likatshwala e-E Cape

Port Elizabeth - Kube nesiphithiphithi emgwaqeni obheke eCradock ku-N2, ngaseGrahambstown, e-Eastern Cape, ngoMsombuluko ntambama.

Lokhu kuza ngemuva kokuginqika kweloli likatshwala ku-R72 ezimpambanweni zomgwaqo eNanaga ngaphandle kwasePort Elizabeth.

Abashayeli bamise izimoto zabo baya endaweni yesigameko. Ngeshwa akekho ohlenge umshayeli nabasizi bakhe abathathu.

OLUNYE UDABA: Kuginqike iloli lenyama kwavalwa umgwaqo eGoli

Abashayeli bebezifunela utshwala lobu obebuchithekile. Bagcwalise amakesi abhiya nenqwaba yama-cider ezimotweni zabo. Kwenzeka lokhu nje umshayeli weloli nabasizi bakhe bebevaleleke ngaphakathi kule loli.

Bagcine sebekwazile ukuphuma ngemuva kokukhahlela iwindi, ngenhlanhla bonke bathole imihuzukwana.

Umshayeli, uSikhumbuzo Sobayeni, 32, uthe: "Besibheke ePort Elizabeth ngesikhathi imoto yohlobo lwe-VW Polo iphuma emzileni wayo yazo ngena kowethu. Ibigcwele phama kanti ukube angizange ngiyivike ngabe ngababulala bonke ababephakathi kuyo."

"Iloli ibisinda ngase ngihluleka ukuyilawula. Yalala ngohlangothi eceleni komgwaqo."

Omunye wabantu ababebezitapela impahla utshele iDaily Sun ukuthi: "Bekuyimana le evela ezulwini kanti omunye uthe uthathe amakesi angu-15 atshwala.

Okhulumela amaphoyisa uCaptain Andre Beetge uqinisekise isigameko. 

"Kuginqike iloli likatshwala emgwaqeni abantu base bezitapela utshwala."

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter                


We live in a world where facts and fiction get blurred
In times of uncertainty you need journalism you can trust. For only R75 per month, you have access to a world of in-depth analyses, investigative journalism, top opinions and a range of features. Journalism strengthens democracy. Invest in the future today.
Subscribe to News24
Lockdown For
DAYS
HRS
MINS
Voting Booth
Who do you think is going to win the 2020 US election?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Biden is going to take it
46% - 5186 votes
It's four more years for Trump
54% - 6147 votes
Vote
ZAR/USD
16.54
(-0.22)
ZAR/GBP
21.38
(+0.04)
ZAR/EUR
19.54
(-0.57)
ZAR/AUD
11.62
(+0.22)
ZAR/JPY
0.16
(+0.05)
Gold
1900.88
(-0.09)
Silver
24.48
(+4.72)
Platinum
862.99
(+1.14)
Brent Crude
42.85
(-0.67)
Palladium
2348.99
(+1.03)
All Share
55143.04
(-0.03)
Top 40
50739.21
(-0.01)
Financial 15
9936.10
(-0.42)
Industrial 25
75698.49
(+1.25)
Resource 10
53367.13
(-1.41)
All JSE data delayed by at least 15 minutes morningstar logo