Durban – Sekuqubuke umbango ngomculo osematheni kulezi zinsuku uBongekile Simelane, odume ngelikaBabes Wodumo wengoma ethi Wololo, kusho umbiko.
Ngokombiko weSunday Sun, uNana Zondi uthi nguye owavundulula ithalente likaBabes ngesikhathi emqoka ukuba adanse kwi-video yeculo leBig NUZ, iHawaii.
UZondi uthe: “Yimi engasungula uBabes futhi noDJ Tira uyakwazi lokho, ukuthi nje uyathanda ukuthatha udumo lwabanye abantu.”
UZondi uthe wasungula uBabes ngo-2013, lo mculi wase eba nobudlelwano ne-Afrotainment.
OLUNYE UDABA: Zizwele uthini uTira ngolukaDanger
Ethintwa uTira uthe: “Ngeke ngiphawule ngoba uBabes usebenzisana noMampintsha.”
UMampintsha kuthiwa ubelokhu evala ucingo uma efonelwa.
UZondi uthi akucelayo nje ukuthi aziswe njengayena muntu owasungula uBabes.
Obhekelele umsebenzi kaBabes uQhubani “DJ Qness” Ndlovu uthe: “Yini uNana ayenzela uBabes, uma kunguyena owamsungula.”