Johannesburg – Kuboshwe abantu abayishumi ngemuva kokuba izinja ezingu-9 ebezilimele zihlengwe zilwa eSoweto ngempelasonto, kusho iNational Society for the Prevention of Cruelty to Animals (NSPCA) ngoMsombuluko.
“Iqeqebana labantu libuthane esigangeni esiseDobsonville, eSoweto, liqhatha izinja. Abanikazi bazo babalekile ngesikhathi kuqhamuka amaphoyisa kodwa babanjwa baboshwa, kusho i-NSPCA esitatimendeni.
Funda nalolu daba: Abesilisa bakhumulise owesifazane wasala nqunu erenki
Inhlangano yezilwane ithi kudingeke ingenelele ilamule izinja ebezisalwa ngaleso sikhathi, yabe isizihlinzeka ngosizo oluphuthumayo ebezilimele kakhulu.
Izinja ebezilimele zisusiwe endaweni yesehlakalo zayiswa kodokotela bezilwane ukuze zihlolwe. Ezinye zifile.
Izinja ezilimele zizogcinwa yiNSPCA, isho kanje esitatimendeni.
– "Like"
ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.