eKapa - Kuboshwe abasolwa ababili ngesigameko sokubulawa kwabantu abane epulazini laseBrowns ngaseNyanga eKapa.
Laba basolwa ababili abaseminyakeni engu-27 no-34 ubudala baboshelwe ukubulala uSinethemba Gwatiso, Sazi Velebhayi, Yonela Sxiki kanye noKamvalethu Thutani.
Bonke laba badutshulwa babulawa besemotweni, kwasinda umzala kaGwatiso uSiyabonga Gwatiso, yena osalulama esibhedlela.
OLUNYE UDABA:"Akudubulekanga muntu, akulimalanga muntu futhi akushonanga muntu"
Laba basolwa baboshwa nale mpelasonto kanti uyedwa usagcwele amathafa.
Okhulumela amaphoyisa uKaputeni Andre Traut uthe: “Uphenyo lwethu mayelana nokubulawa kwabantu abane okubalwa kubo izingane ezimbili epulazini laseBrowns ngesonto eledlule lusiholele kulaba basolwa ababili. Umsolwa weithathu owaziwayo yena akakabanjwa."
Laba basolwa bazovela phambi kweMantshi yase-Athlone ngoMsombuluko ngamacala amane okubulala nelilodwa lokuzama ukubulala.