Cape Town – Amaphoyisa abambe amadoda amabili ngemuva kokwebiwa kwezikhali zamavikelambuso eKuils River, kubika iCape Times.
Lolu phenyo belwenziwa amaphoyisa amayunithi ahlukahlukene ezobuchwepheshe bobugebengu kanye ne-bomb squad.
La madoda aboshwe ngoLwesithathu kanti kukholakala ukuthi angamalungu e-28 gang eyasungulwa ejele.
OLUNYE UDABA:Umengameli Zuma useyalele ukuba abuye amasosha akuleli eDarfur
Amaphoyisa abegcwele amatekisi amabili ethungatha imoto ngesikhathi evimbezela iToyota emhlophe eZevenwacht Mall .
Aphoyisa athole izikhali i-RPG-7(rocket-propelled grenade launcher) kanye nesibhamu esikhulu samasosha esihaambisana ne-telescope, imagazine nezinhlamvu zayo ezingu-16.
Laba basolwa abaneminyaka engu-25 no-28 ubudala bazojoyina ozakwabo abathathu u Dillon Sewkumar, 18, Duncan Gouvias, 21, noKarabo Ramokgopa, 19, ababoshwe ngenyanga edlule.