Kuboshwe abasolwa abathathu ngokubulawa kwesekela likathishanhloko

Johannesburg - Amaphoyisa aseGauteng abophe amadoda amathathu ngokubandakanyeka esigamekweni sokubulawa kwesekela likathishanhloko eladutshulwa ehhovisi lalo ngesonto eledlule.

La madoda amathathu, aneminyaka engu-23, 43 nengu-45 ubudala aboshwe ngoMsombuluko ekuseni, eTsakane, e-East Rand ngemuva kokudutshulwa kwesekela likathishanhloko lesikole iDalinceba Primary, eDuduza, eNigel, ngesonto eledlule.

Okhulumela amaphoyisa uCaptain Kay Makhubela uthe: "Selokhu kwenzeka isigameko, amaphoyisa abesebenza ubusuku nemini efuna ababulali.  Abasolwa sibathole ngosizo lomphakathi."

OLUNYE UDABA:Kuthungathwa ababulale isekela likathishanhlolo esikoleni

Abasolwa baboshwa ngezithuba zabo-02:45, la basolwa batholakale nesibhamu esingekho emthethweni.

UMakhubela, uthe uphenyo luzocacisa ukuthi ngabe lesi sikhali yiso esasetshenziswa kulesi sigameko.

Ngesikhathi sesigameko sokudubula, kwafika amadoda amane ehamba ngemoto ebomvu yohlobo lwe-Mazda 323, amadoda amathathu angena esikoleni ezenza abantu abazolungisa inkinga kagesi, bethi bacelwe yisekela likathishanhloko.

UMakhubela utshele abezindaba iNews24 ukuthi: "Kwangena abasolwa abathathu esikoleni, oyedwa wabo wasala ngaphandle emotweni. Ngesikhathi unobhala wesikole edlulisa umyalezo kuleli sekela likathishanhloko, laphuma, labe selidutshulwa amahlandla amaningi, abasolwa baqede babaleka."

UMakhubela uthe amaphoyisa asathungatha umsolwa wesine.


We live in a world where facts and fiction get blurred
In times of uncertainty you need journalism you can trust. For only R75 per month, you have access to a world of in-depth analyses, investigative journalism, top opinions and a range of features. Journalism strengthens democracy. Invest in the future today.
Subscribe to News24
Lockdown For
DAYS
HRS
MINS
Voting Booth
Would you choose to continue working from home after the coronavirus lockdown if given the option?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes, it's much better for me
40% - 7020 votes
No ways! I can't wait to get back to the office
12% - 2052 votes
A mixture of both would suit me best
48% - 8445 votes
Vote
USD/ZAR
14.60
(+0.1)
GBP/ZAR
20.04
(+0.0)
EUR/ZAR
17.35
(-0.0)
AUD/ZAR
11.09
(-0.2)
JPY/ZAR
0.13
(-0.2)
Gold
1,725.24
(-0.5)
Silver
24.76
(-0.3)
Platinum
1,169.90
(-0.4)
Brent Crude
63.28
(+0.5)
Palladium
2,682.65
(+0.1)
All Share
66,390
(0.0)
Top 40
60,673
(0.0)
Financial 15
12,144
(0.0)
Industrial 25
86,617
(0.0)
Resource 10
67,175
(0.0)
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo