Johannesburg - Kuboshwe isikhulu esiphezulu sakwaMasipala eFree State ngezinsolo zokubulala intombi.
IChief Financila Officer yakwaMasipala waseMantsopa uDonals Matsie uboshwe emzini wakhe oseLadybrand ekuseni ngovivi ngoMgqibelo ngokubulawa kukaTshidi Lisenyane.
OLUNYE UDABA: I-EFF ibenomhlangano neDA ne-ANC ngokusebenzisana
Okhulumela amaphoyisa aseLadybrand uCaptain Phumelelo Dlamini uthe uMatsie, 35, nomngani wakhe uMosebudi Mshodi, 47, baboshwa emzini kaMatsie.
"Amaphoyisa afika endaweni yesigameko kulandela ucingo olwaluvela kumalungu omphakathi. Isisulu satholwa sodindilize phansi namanxeba okudutshulwa emhlane nangemuva kwendlebe.Abasolwa baboshwa khona lapho," kusho uDlamini.
UDlamini uphinde wathi uMatsie uthweswe icala lokubulala kanti kukholakala ukuthi nguye owadubulakanti uMoshodi yena uthweswe icala lobudedengu ngokusebenzisa isibhamu.
"Laba bobabili bavele enkantolo ngoMsombuluko. UMatsie ugcinwe ejele kanti uShodi ungaphandle ngebheyili yemali engu-R1 000."
UMatsie uzobuyela enkantolo ngomhlaka-16 Agasti eyofaka isicelo sebheyili, kubika iSowetanlive.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho