eThekwini - Amaphoyisa aseMtubatuba abophe owesimame oneminyaka engu-59 ubudala ngecala lokubulala ingane eneminyaka emithathu ubudala.
Kwabikwa ngokulahleka kukaGamelihle “Gamo” Mdletshe ngoDisemba 2017 nokuyilapho amaphoyisa avula khona icala lomuntu olahlekile.
Amaphoyisa asebenzisana namalungu omphakathi ezama ukuthola le ngane elahlekile.
Ngomhlaka 13 Disemba 2017 kwatholakala isidumbu sale ngane sicwiywe izitho zomzimba.
OLUNYE UDABA:Igwetshiwe indoda yaseThekwini eyabulala owayeyingoduso
Amaphoyisa aguqula uphenyo lwaba ngelecala lokubulala.
Uphenyo lwamaphoyisa lwaholela amaphoyisa kulesi sihlobo.
Umsolwa waboshwa wabekwa icala lokubulala kanti ngoLwesihlanu mhlaka 23 Mashi 2018 wavela eNkantolo kaMantshi eMtubatuba.
Lo msolwa uzogqunywa ezitokisini kuze kube wumhlaka 26 kwephezulu lapho azovela futhi enkantolo.