Mbombela – Ukhomanda wophiko olulwisana nenkohlakalo umisiwe emsebenzini ngezinsolo zokweba imali engu-R400 000 kubasolwa abehlukene kusetshenza, kusho oKlebe ngoLwesithathu.
UCaptain Richard Nkwanyana, 48, uzinikele eMiddelburg ngoMsombuluko, mhlaka 2 kwephezulu, ngemuva kophenyo oludonse isikhathi eside, kusho uBrigadier Hangwani Mulaudzi.
I-National Intervention Unit, eyajutshwa eMpumalanga ngoMeyi 2016, kuthiwa yashaqa imali engukheshi kubasolwa ababili.
Womabili amacala, ahlanganisa imali engu-R232 400 nenye engu-R164 500, adluliselwa koKlebe ukuba aphenye.
Abutholakalanga ubufakazi ngecala elathweswa abasolwa, base befuna inkantolo ukuba kubuyiswe imali yabo, inkantolo yabavuna.
Ngokuhamba kwesikhathi, sekufuneka imali, kwatholakala ukuthi ayisekho.
OLUNYE UDABA: Inyuvesi ilaxaze i-KPMG
UNkwanyana, okunguyena ogcina imali, washo izinto eziningi ezingahlangani ngesikhathi ebuzwa ngayo.
Ngemuva kophenyo eMpumalanga, kwavela ukuthi omunye u-R43 000 nawo kawaziwa ukuthi uphi emalini engu-R118 800 eyashaqwa kwabanye abasolwa, okwakumele ithathwe nguMbuso.
UNkwanyana uvele kafuphi eNkantolo kaMantshi eNelspruit kuleli sonto ngamacala okweba nokuphazamisa ukusebenza komthetho.
Udedelwe ngebheyili ka-R5 000, wavalwa ukuba angene emahhovisi oKlebe.
Kulindeleke ububa abuyele enkantolo ngo-Okthoba 17.