Gordon's Bay - Amaphoyisa asebenze ngokushesha ngesikhathi ebizelwa kwisigameko sokuphangwa kwendawo edayisa utshwala eGordon’s Bay ngeSonto.
ULieutenant Colonel Andrè Traut okhulumela amaphoyisa uthe babizelwe kulesi sigameko ngesikhathi kucifizwa inkinobho yezimo eziphuthumayo, kubika iTimeslive.
Funda nalolu daba:Amaphoyisa amahlanu athweswe icala ngokudubula intombazane
Amaphoyisa afike athola uzakwabo oyedwa obekafake inyunifomu ephakathi esitolo namanye amadoda amathathu, kanti bonke laba bakhonjwe umnikazi wesitolo njengabasolwa abebezama ukuphanga.
“Baboshwe bonke laba basolwasa ngecala lokuphanga kanye nokuphatha izibhamu
ezingekho emthethweni. Leli phoyisa lithathelwe isibhamu somsebenzi kanye
nalesi esebiwe,”kusho uTraut.