Mumbai - Amaphoyisa abophe udokotela entshonalanga naseNdiya ngezinsolo zokujova abulale izabantu abangu-6 mase ebagqiba epulazini lakhe, kusho amaphoyisa ngoLwesibili.
USantosh Pol uboshwe edolobheni elikwisiFunda saseMaharashtra bngesonto eledlule ngesikhathi amaphoyisa ephenya ukunyamalala kwesisulu esisodwa.
OLUNYE UDABA: Zimkhalele 'osho sakudlala' ukuthi ubulale izingane zakhe
"UPol uthe usebulale abantu abangu-6 kubalwa abesifazane abahlanu owesilisa oyedwa. Sesithole izidumbu ezine epulazini lakhe nesisodwa kwenye indawo," kusho owamaphoyisa uPadmakar Ghanvat etshela i-AFP.
"Lo dokotela ulokhu eshintsha isitatimende sakhe njalo uma ephoswa imibuzo okwenza kube nzima ukuba sithole imbangela yezigameko," kusho uGhanvat.
Zonke izisulu zaduka edolobheni laseWai okungamakhilomitha angu-230 eningizimu neMumbai eminyakeni embalwa eyedlule. Kodwa akwaziwa ukuthi lezi zisulu zihlanganiswa yini nalo dokotela.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela IzindabaNews24 kuTwitter