Kuboshwe umalume owashadisa umshana nekhehla ngoba efuna imali

Port Elizabeth - Intombazane, 14, eyintandane kubikwa ukuthi yashadiselwa ikhehla kanti lokhu kwenziwa ngumalume wayo owathola u-R30 000 welobolo, kusho amaphoyisa asePort Elizabeth ngoLwesihlanu.

Okhulumela amaphoyisa uCaptain Anelisa Feni uthe, ngesikhathi abazali bale ngane beshona ngoNovemba 2015, yashiywa ezandleni zikamalume wayo, 62, KwaDukuza, KwaZulu-Natal.

Nokho kwathi uma kuqhamuka ilobolo lika-R30 000, umalume waphoqa le ngane ukuba igane indoda, 61, yaseBizana, e-Eastern Cape, kuqhutshwa umkhuba wokuthwala.

Ukuthwala wusiko oludala lokuthumba intombazane bese iganiswa uma ivuma.

Nokho, uMnyango wezobuLungiswa kanye nowokuThuthukiswa koMphakathi, bathi siyakhula isibalo samantombazane aqhamuka emindenini ehlwempu ashadiswa ngenhloso yokuthi enze ucansi aphinde anakekele abakhwenyana - iningi labo elivamise ukuba lidala ngokweminyaka.

OLUNYE UDABA: Mayibhekisiswe eyokushadiswa kwezingane

Le minyango inomkhankaso wokuqeda nya ngalo mkhuba, nokuqwashisa imindeni kanye namantombazane ngamalungelo abo.

UFeni uthe ngesikhathi le ngane ishadiswa, yabe isiyiswa ePort Elizabeth ukuba iyohlala naleli khehla, okusolakala ukuthi layidlwengula.

Kuthiwa lokhu kwenzeka kusukela ngoSepthemba wonyaka owedlule kwaze kwaba leli khehla liyaboshwa ngoMashi, lase lidedelwa ngebheyili ka-R5 000.

Umalume wale ngane kanye nomunye wesifazane babe sebeyaboshwa ngoMsombuluko kulandela uphenyo olunzulu.

Ingane kuthiwa igcinwe esikhungweni esinakelela izingane e-Eastern Cape.


We live in a world where facts and fiction get blurred
In times of uncertainty you need journalism you can trust. For only R75 per month, you have access to a world of in-depth analyses, investigative journalism, top opinions and a range of features. Journalism strengthens democracy. Invest in the future today.
Subscribe to News24
Lockdown For
DAYS
HRS
MINS
Voting Booth
As a child or as an adult, have you ever been a victim of bullying?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes, at school
53% - 435 votes
Yes, at work
16% - 133 votes
No, I've never experienced this
31% - 260 votes
Vote
USD/ZAR
14.31
(0.0)
GBP/ZAR
19.81
(0.0)
EUR/ZAR
17.15
(0.0)
AUD/ZAR
11.07
(0.0)
JPY/ZAR
0.13
(0.0)
Gold
1,776.67
(0.0)
Silver
25.97
(0.0)
Platinum
1,203.79
(0.0)
Brent Crude
66.77
(-0.3)
Palladium
2,781.00
(0.0)
All Share
68,699
(+1.3)
Top 40
62,898
(+1.3)
Financial 15
12,446
(+0.8)
Industrial 25
89,364
(+0.8)
Resource 10
70,350
(+2.2)
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo