Superior — Umama oneminyaka engu-20 ubudala uboshiwe ngoLwesine ngezinsolo sokubulala ngemuva kokutholakala kwezingane zakhe ezimbili zishonile emotweni, kusho izikhulu.
Izidumbu zazo zitholakale ngaphandle komuzi womndeni oseSuperior, okuyindawo edume ngokuba nezimayini enabantu abalinganiselwa kwabangu-2 900, engamakhilomitha angu-97 ukusuka empumalanga yePhoenix.
Owamaphoyisa aseSuperior uChristian Ensley uthi amaphoyisa abikela abezinhlalakahle ngasekuqaleni kukaJanuwari ngenxa yokukhathazeka ngesimo sezingane ezimbili.
OLUNYE UDABA: Unikwe esentambo owabulala wafaka isidumbu epotimendeni
Abezinhlalakahle ngoLwesibili bafonelwa kabili mayelana nezingane, kodwa abakaze bathole bufakazi bokuthi izingane ziyahlukunyezwa noma zishiywa zodwa.
Izidumbu zezingane zizohlolwa ukuthola ukuthi zibulawe yini izingane, eyodwa kuzo ineminyaka emibili ubudala kanye nenye enezinyanga ezingu-10 izelwe.