Tokyo – Umama uphenywa ngamacala okubulala kulandela ukutholakala kwezingane zakhe ezine zishonile, kusho abezindaba namaphoyisa aseJapan.
Kulezi zingane kubalwa neyentombazane eneminyaka emithathu ubudala.
Imibiko yabezindaba ibike ukuthi izisulu zibulawe umama wazo ngaphambi kokuthi azame ukuzibulala naye.
Ngokusho kwamaphoyisa, kutholakale umfana, 10, amantombazane mabili, 6, nenye, 3, beshonile ngoMsombuluko.
OLUNYE UDABA: Obengasebenzi ubulale izingane zakhe
"Ubaba wezingane nguye ozithole sezishonile wase ebikela amaphoyisa,” kusho okhulumela amaphoyisa, ongathandanga negama lakhe.
Kuthiwa lo mama uvumile emaphoyiseni ukuthi nguye obulale izingane zakhe.
Amaphoyisa athi enye ingane ibinomaka wokunklinywa.
Umama uzame ukuzibulala ngokuthi azisike esihlakaleni, kepha wangashona.