Cape Town – Sekubulawe abantu abathathu ngokudutshulwa ngemuva kokubheduka kodlame emphakathini waseDelft, eKapa, kulezi zinsuku ezimbili ezedlule.
Okwamanje akucaci ukuthi ngabe lezi zigameko zihlobene na njengoba nembangela yazo ingaziwa.
NgoLwesithathu ebusuku, kudutshulwe abantu ababili bashona, okubalwa kubo nowesilisa odume ngokudayisa izidakamizwa endaweni.
Lezi zigameko kuthiwa zenzeke ngokulandelana.
OLUNYE UDABA: Kubulawe 10 iziboshwa zizama ukweqa ejele
Ngabo-05:00 ekuseni ngoLwesine kudutshulwe umuntu wesithathu eRoosendal.
Udlame luqhubekile ebusuku kwabulawa abanye abantu ababili kwathi abanye ababili balimala.
OweDelft Community Policing Forum uReginald Maart uthe: "Okwamanje sisashaqekile ngezigameko zokubulala ezenzeka kule ndawo. Asazi kwenzakalani.”