Johannesburg – Kuboshwe abantu ababili ngemuva kokuthi kutholakale owesifazane nendodana yakhe bebulelwe eBoitekong ngaseRustenburg, kusho amaphoyisa aseNorth West.
Okhulumela amaphoyhisa uSergeant Kelebogile Moleko uthe lo wesifazane, 21, nengane yakhe eneminyaka emibili ubudala kusolakala ukuthi banklinywa ngoLwesihlanu, bashona.
OLUNYE UDABA: Kubulawe umama namadodakazi akhe e-PE
Amaphoyisa abizelwa endaweni yesehlakalo afica izidumbu ezimbili, alandela umkhondo kwaboshwa abasolwa ababili abaneminyaka engu-18 no-25 ubudala, kubika iCitizen.
“Kuthe uma kuboshwa la madoda, kwatholakala umakhalekhukhwini kamufi nezinye izimpahla okusolakala ukuthi zebiwe lapho ebehlala khona.
“Abasolwa kulindeleke bavele enkantolo ngoMsombuluko,” esho.